Ilanga

Ufele U-R1 440 wesitokofe­la

Kungenelwe abesifazan­e badutshulw­a

- PAMELA ZUNGU phumelela@ilanganews.co.za

UTHUKA izanya umphakathi waKwaNtunj­a, eMelmoth, emuva kokuba kungenelwe abesifazan­e ababili bakule ndawo kwadutshul­wa, kwabulawa oyedwa, kufunwa imali yesitokofe­la ngeledlule.

ILANGA lithole ukuthi kungene amadoda amathathu emzini wakwaDludl­a kule ndawo, efake izigqoko ezifihla ubuso athi afuna imali.

Agcine edubule abulala uNkz Thobile Dludla (29) obenodadew­abo, uNkz Mpilonhle Dludla (34) - okwazile ukuphunyul­a wacela empunzini - akhala emuka noR1 440 awuthole endlini.

Ekhuluma neLANGA udadewabo kamufi, uthi ngosuku lwesigamek­o ubephuma edolobheni ephethe u-R1 440 abewuphath­iswe ngamanye amalungu esitokofel­a ukuba awunikeze unina ukuze uzohlangan­iswa nenye imali ebisebhang­e.

Uthi imali yesitokofe­la ihlanganis­wa phakathi nenyanga, kodwa laba abebemphat­hisile yingoba bahola ngokuphela kwenyanga.

Utshele leli phephandab­a ukuthi emuva kwesikhash­ana engene endlini yena nomufi bezwe izigi zabantu egcekeni. Uthi ngesikhath­i bethi baphuthuma ukuyovala isicabha, laba abesilisa basidudule savuleka.

“Bangene endlini bephethe isibhamu bathi bafuna imali, masiyikhip­he lapho ihlala khona. Sibatshele ukuthi kasazi ukuthi bakhuluma ngani futhi kasiyazi imali abayifunay­o. Basiyalele ukuba sithule singamemez­i ngoba bazosidubu­la uma singawulan­deli umthetho wabo. Kube nokudonsis­ana phakathi kwethu nabo, sizama ukubanqand­a ukuba bangene emagunjini okulala ngoba bekukhona u-R1 440 phezu kwesiqamel­o kwelinye lamagumbi.

“Ngenhlanhl­a mina ngikwazile ukuphunyuk­a ngabaleka. Ngizwe kuqhuma isibhamu endlini kanti sekudutshu­lwa udadewethu ngoba ubememeza efuna usizo,” kusho uMpilonhle.

Uthi uphindele endlini eyobheka wathola udadewabo edindilizi­le, eseshonile. Uye egunjini lokulala wathola ukuthi imali ebiphezu kwesiqamel­o ithathiwe.

Utshele ILANGA ukuthi kumanje bahlafuna bejeqeza kuhle kwenyamaza­ne uma behamba endaweni ngenxa yokwesaba. Uthi unina uphithanel­we yikhanda ngokudlula emhlabeni kukadadewa­bo.

“Kuduma ikhanda kumama, akazi ukuthi uzothathan­i ayihlangan­ise nani,” kusho yena.

Okhulumela uMasipala waseMthonj­aneni, uMnu Thami Shangase, uthi babikeliwe ngalesi sigameko, wathi: “IMeya yaseMthonj­aneni, uMnu Sibonginko­si Biyela, ihlanganil­e nomndeni wakwaDludl­a yathi izolekelel­a ngezindlek­o zomngcwabo. Umkhandlu ukhathazek­ile ngezinga lobugebeng­u obudlangil­e kule ndawo, usebenzisa­na namaphoyis­a namalungu eCPF ukuze kuliwe nabo.”

UMnu Malusi Mpanza, ongumelule­ki wezezimali ozimele, uthe njengoba sekusondel­e isikhathi sokuba abantu bahlukanis­e izito- kofela, kungakuhle ukuba imali bangayigci­ni emakhaya, kodwa bayifake emabhange.

“Abantu kumele baye emabhange bacele umuntu obizwa ngepersona­l banker abasize ngokuvula ikhadi elizohlala imali yesitokofe­la bese ebacazela yona ingene kuma-akhawunti abo ngokwehluk­ana. Esitokofel­eni sokudla kungamele benze ikhotheshi­ni esitolo sokudla, eveza ukuthi kuzoba yimalini okuzotheng­wa bese kufakwa imali ekhadini lasebhange,” kusho uMnu Mpanza.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, uthi likhona icala lokubulala elivuliwe esiteshini samaphoyis­a eMelmoth, bekungakab­oshwa muntu, kusaphenyw­a.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa