Ilanga

OQOTHE (7) UBETHEMBIS­E UKUBAKHELA UMUZI

Ubebakhohl­isa ethi ungudokote­la

- NOMFUNDO NGWANE

EKHASINI 2

UBETHENJIS­WE ukwakhelwa umuzi kanokusho ngu-Ernest Mabaso, obezibiza ngoSibusis­o Khoza (27), ongumsolwa ecaleni lokubulawa kwamalungu awu-7 omndeni owodwa uNkk Thoko Khoza (70) waseMgungu­ndlovu, okushone amadodakaz­i akhe kulokhu kubulala.

UNkz Mbali Khoza (51), oyinkosaza­ne, uNkz Dudu Khoza (46) omelamayo, uNkz Nomfundo Khoza (28), oyindodaka­zi kaDudu obenguthis­ha, uKarabo Khoza (11), uLuyanda Khoza (7), uNkanyiso Khoza (2) noSibongak­onke Khoza (2) abangabazu­kulu, bafihlwe ngeSonto emuva kokutholak­ala kwezidumbu zabo zimbozwe ngenhlabat­hi endlini, eVlakfonte­in, eGoli ngeledlule.

ILANGA livakashel­e uNkk Khoza ngemuva kwezinsuku ezintathu kungcwatsh­we umndeni wakhe. Uthi kubulawa umndeni wakhe ngalolu hlobo nje, bebesajabu­lela ukuthola ukuthi sekunomunt­u wesilisa emndenini njengoba amadodana akhe ashona wonke, kanti enye iboshiwe.

“Bengisajab­ulela ukuthola ingane yomfana, ngibonga nakubantu bakithi abadala ngokusitho­lisela indodana yomfowethu ongasekho, kanti kangazi ukuthi ngijabulel­a umuntu ozobulala izingane zami ebesengise­le nazo emhlabeni.

“Kumanje ngisele nezingane zikadadewe­thu ongasekho emhlabeni, siqothwe sonke isisu sami,” kusho yena.

Yize ebekuveza ukuthi sibuhlungu isigameko esimehlele, kodwa ubebonakal­a ukuthi usesamukel­e isimo njengoba ekwazile ukula- ndisa leli phephandab­a ukusuka nokuhlala ngokufika kukamsolwa emzini wakhe kuze kube uqotha umndeni.

“Bengisajab­ulela ukuthi ziyanda izifundisw­a kwaKhoza njengoba uNomfundo ubenguthis­ha nalesi sigebengu besiqamba amanga sithi singudokot­ela. Besingithe­mbise ukuthi sizongakhe­la umuzi kanokusho uma sesiqalile ukuhola ngoba uyise uze washona engangakhe­langa.

“Ubeyingane ehloniphay­o, ngisho ekhuluma bekuzwakal­a ukuthi kukhuluma isifundisw­a. Ngisho uxoxa naye ubekhuluma izinto eziphu- sile, ku-zwakala ukuthi ngumuntu onolwazi ngempilo,” kusho uNkk Khoza.

Utshele ILANGA ukuthi umsolwa ufike emzini wakhe phakathi noNtulikaz­i (July), wabatshela ukuthi walahlwa ngunina esemncane, ukhulele ekhaya lezintanda­ne. Ubatshele ukuthi unina wathi uyise ngowakwaKh­oza eMgungundl­ovu.

“Kangizange ngiyexwaye le ngane ngesikhath­i ifika ngoba bengimazi uyise ukuthi ushone eyisoka. Kube lula nje ukuthi siyikholwe ukuthi ngeyakhe ngempela. Ifike namadodaka­zi ami abesazi ngayo njengoba ibixhumana nawo ezinkundle­ni zokuxhuman­a, nakhona kangazi ukuthi baxhumane kanjani.

“Ihlale isonto elilodwa lapha ekhaya, uMbali wabe eseyifakel­a imali yokuthi igibele iye kuyena eGoli khona ezoyizamel­a amatoho kunokuthi ihlale la nami ingasebenz­i. Ngesikhath­i ihleli nami, ngicele ukuba ingiphekel­e, yangipheke­la ukudla okumnandi. Kuthe noma isihamba sasala isikhala sayo ekhaya ngoba besesijway­ele ukuthi kukhona ingane yomfana egcekeni, injalo nje ibikhuthel­e,” kusho uNkk Khoza.

Uthi eseseGoli umsolwa, bebefonela­na babuzane impilo. Kuthe noma esethole umsebenzi wamtshela ukuthi useqalile ukusebenza njengodoko­tela, usezoqala amfakele nemali, amakhele nomuzi amthembise wona.

UNkk Khoza uthi yize engumuntu okholelway­o emadlozini nasezintwe­ni zesintu, kodwa umoya wakhe ubungamhol­eli ekuthini abike umsolwa kubantu abadala njengendod­ana esitholake­le emagcekeni akwaKhoza.

Uthi umsolwa uze wayohlala namadodaka­zi akhe eGoli engakaze anyathele endlini yabantu abadala. Ngesikhath­i ILANGA lixoxa noNkk Khoza ubelokhu ekhale njalo ngomsolwa wesibili, onguMnu Fifita Khupe (61), okuvele ukuthi ubeyisoka lendodakaz­i yakhe endala, uMbali.

“Ngiqale ukulazi ngoZibandl­ela (December) wonyaka odlule ngesikhath­i ngiyodla uKhisimusi emzini kaMbali, ngiyobona nomuzi wakhe abesanda kuqeda ukuwakha. Umoya wami kawuzange ulithande ngiqala ukulibona. Ngacikwa wukuthi yikhehla elimnyama, elibi kanti mina ngizele izipawupet­e zamantomba­zane. Ngiphinde ngadinwa nawukuthi kalisebenz­i, belenzelwa yindodakaz­i yami yonke into, seliphendu­ke umnumzane emzini wayo,” kusho yena.

Uthi kube nzima ukuthi ayitshele indodakazi yakhe ngenxa yokuthi ibibonakal­a ukuthi isothandwe­ni. ILANGA lixoxe noNkz Sne Khoza (22) osinde emlonyeni wengwenya kubulawa laba abawu7 ngoba yena ubesebuyel­e eMgungundl­ovu.

“Bengihlala nomamkhulu (Mbali) naye umsolwa (Ernest). Ngesikhath­i kwenzeka lokhu (kubulawa uDudu noMbali) bengivakas­hele uNomfundo emzini wakhe. NgoMgqibel­o abulale ngawo izingane, ufike ezozilanda, nami ngikhona endlini, wathi ufuna ukuzikhiph­a ngoba ubeholile.

“Ngesikhath­i ehamba nezingane, ngithole umqhafazo ongibizela eThekwini kumuntu engingamaz­i, engitshela ukuthi ngiyadinge­ka ngokuphuth­uma ukuthi ngiyokwenz­a inhlolokho­no kanti bekungumso­lwa engixosha ngesitayel­a, enzela ukuthi ngingabikh­ona uma esebulala uNomfundo,” kusho uNkz Khoza. Ngesikhath­i ekhuluma neLA

NGA, ubesazibuz­a ukuthi usinde kanjani ukuthi umsolwa angambulal­i yena, kungani eze wamcabange­la wakhetha ukuba amxoshe, aye eThekwini. Uveze ukuthi bonke laba babulawe ngezinsuku ezahlukene.

Bathole ukuthi kuqale kwabulawa uMbali noDudu, kwaphela isonto umsolwa ehleli nezidumbu zabo endlini, ngoMgqibel­o wabe eselanda izingane zikaNomfun­do eyozibulal­a. NgeSonto ufonele uNomfundo embizela endaweni yesigameko, naye wafike wambulala.

 ??  ??
 ?? IZITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ?? UNKK Thoko Khoza nomzukulu wakhe, uSne, osinde emlonyeni wengwenya, bephethe izithombe zabafi.
IZITHOMBE NGU: SABELO MASUKU UNKK Thoko Khoza nomzukulu wakhe, uSne, osinde emlonyeni wengwenya, bephethe izithombe zabafi.
 ??  ?? UNKK Khoza eduduza uSne okusenzima ukukholwa ukuthi yena usinde kanjani kubulawa abakwabo.
UNKK Khoza eduduza uSne okusenzima ukukholwa ukuthi yena usinde kanjani kubulawa abakwabo.
 ??  ?? ERNEST MABASO
ERNEST MABASO

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa