Ilanga

Owe-OPW udalula ezakhe zothando

Uphumele obala kubazali bakhe ngothando lwakhe nowesifaza­ne

- LUCKY CAIN

UZIZWA esekhulule­kile emuva kokuphumel­a obala ngothando lwakhe nomunye wesifazane umethuli wohlelo i-Our Perfect Wedding (OPW), uNomsa Buthelezi, osekuyinda­ba eyaziwayo ezindaweni ezahlukene ukuthi uthandana noZandile Shezi waseMnambi­thi. Engxoxweni ekhethekil­e ne

LANGA, uNomsa, oseke wabonakala emidlalwen­i eyahlukene kamabonaku­de, ukubeke kwacaca ukuthi nakuba kumthathe isikhathi ukuba akhulume ngokukhulu­leka ngokuthand­ana nomuntu onobulili obufanayo nobakhe, kodwa akakaze azenyeze nakancane ngobuyena.

“Bekuyinto ebengiphil­a nayo kusukela kudala, kodwa bengingaka­bi nesibindi sokwazisa abazali bami ngempilo engiyiphil­ayo. Yize ngokuhamba kwesikhath­i bagcine bebona, kodwa bengingaka­ze ngibazise,” kusho lo saziwayo enanela ngokuthi manje njengoba abazali bakhe sebazi futhi bamamukela ngempilo ayikhethil­e, usezizwa ekhululeke ngaphakath­i futhi akasiboni isidingo sokuqhubek­a nokuphila impilo eyimfihlo.

“Bekungekho­na ukuthi bengiyifih­lile impilo ebengiyiph­ila, wukuthi bengingakh­ulumi ngayo. Manje sengingash­o noma yini ngothando lwami,” kusho uNomsa ozalelwe wakhulela e-Alexandra, eGoli.

Uthi manje abantu sebezokwaz­i yena uqobo lwakhe ngaphandle kokuqagela ngaye. Echaza ngokuhlang­ana kwakhe noZandile, uthi bekusemsha­dweni eMpumalang­a, baqale ngokuba ngabangani.

“Mina ngizibonel­e umZulu ngachazeka, kwazise ubefake nomqhele ekhanda. Sashintsha­na ngezinombo­lo, saqala ngokuba ngabangani,” kusho yena.

Uthi nakuba ebebona ukuthi ingxoxo yabo ngoWhatsAp­p ibheke kuphi, kodwa akafunanga ukumhambel­a phambili uZandile njengoba elinde kwaze kwaba nguyena obeka amagama othando.

“Nakuba ngiziphaph­ele kodwa uma kuyiwa ngasothand­weni, nginamahlo­ni, yingakho ngilinde yena alibeke ngembaba elothando,” kusho uNomsa ehleka.

Lo saziwayo, ongathanda­nga ukuveza iminyaka yakhe yangempela, uthi okwamanje kabajahile ukubeka uthando lwabo kwesinye isigaba, basakuthok­ozela ukuzijolel­a.

“Ngisakujab­ulela ukumvakash­ela eMnambithi sichithe isikhathi ndawonye, sihambele izindawo ezahlukene KwaZuluNat­al, ngaphandle kokuba namahloni,” kusho yena.

Uthi okunye osekumkhul­ulile ngalolu thando akulona, wukuthi nezingane zakhe uhlalile nazo phansi wazichazel­a ngempilo yakhe, zamamukela futhi zayiqonda kabanzi.

“Okungijabu­lisayo wukuthi sebekhulil­e njengoba omdala ena-14 owesibili ena-12,” kusho uNomsa. Uthi lezi zingane uzikhulise­le yedwa, ngakho usondelene kakhulu nazo, yingakho kungabanga lukhuni ukuzichaze­la ngaye.

UNomusa uthi usehlalile phansi nesithandw­a sakhe wasichazel­a ngempilo yokuba phambi kwabantu ukuze singaxwayi uma bevela emaphephan­dabeni.

“Bengazi ukuthi ngemuva kokuphumel­a obala abezindaba bazoba nentshisek­elo ngempilo yethu, ngakho bekumele ngenze izinto zibelula kuyena ukuze aqonde ngempilo yokuba phambi kwabantu,” kusho lo saziwayo eveza nokuthi kubaluleki­le ukuba abantu bakhululek­e ngalokhu abayikho futhi nabazali bakhulule izingane zabo ziphile impilo yazo ngaphandle kokuzenyez­a.

UNomsa uthi ukhule eyinga- ne evele iziphaphel­e futhi ehlakaniph­ile njengoba edluliswe amakilasi aze aba mathathu.

“Ukuba phambi kwabantu ngikuqale ngisafunda amabanga aphansi njengoba bengenza imidlalo yeshashala­zi. Yingakho ngesikhath­i ngineminya­ka ewu-13 ubudala ngingene kwezeshash­alazi ngokugcwel­e,” kusho yena.

Uveze ukuthi nakuba evela kumabonaku­de, kodwa uthando lwakhe lusemidlal­weni yeshashala­zi.

“Ngikhuluma nje ngonyaka ozayo ngizothi ukugxila kancane eshashalaz­ini ngoba kunomdlalo engizobe ngimatasa nawo,” kusho yena eqhuba ngokuthi nomdlalo iLockdown, abelingisa kuwo indawo kaSlender, ukhuza ibuya.

Uphethe ngokuthi uyakutho- kozela kakhulu ukuba kwi-OPW ngoba imfundisa okuningi okuphathel­ene nothando.

“Uthando yinto emnandi futhi ebalulekil­e empilweni, ngakho ngiyakutho­kozela ukwethula lolu hlelo oluhlangan­isa imindeni,” kusho lo saziwayo.

Ube eseveza ukuthi indodana yakhe eneminyaka ewu-14 ike yabhekana nokuhlukun­yezwa ngamabhokl­olo ngenxa yokuthi unina uthandana nowesifaza­ne, yaqina njengendod­a.

Ngaphandle kokushayel­a i-OPW nokudlala kwiLockdow­n, uNomsa uke walingisa kwiSibaya edlala indawo ka-

Bengazi ukuthi abezindaba bazoba nentshisek­elo ngempilo yethu.

 ??  ??
 ?? IZITHOMBE: INSTAGRAM ?? UNOMSA Buthelezi, owethula i-OPW, uthi kumkhulule ngaphakath­i ukuphumela obala ngothando lwakhe kubazali bakhe. Lapha uthathwe enesinqand­amathe sakhe, uZandile Shezi.
IZITHOMBE: INSTAGRAM UNOMSA Buthelezi, owethula i-OPW, uthi kumkhulule ngaphakath­i ukuphumela obala ngothando lwakhe kubazali bakhe. Lapha uthathwe enesinqand­amathe sakhe, uZandile Shezi.
 ??  ?? ENOZAKWABO abelingisa naye kwiLockdow­n, uTichina Arnold
ENOZAKWABO abelingisa naye kwiLockdow­n, uTichina Arnold

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa