Ilanga

UMLANDO KWI-

- LUCKY CAIN

KUQOPHEKE umlando kuphuma uThando kowe-Idols SA izolo ngeSonto njengoba isibalo samavoti sifinyelel­e ku-110 million.

Lesi sibalo sedlula zonke izinhlelo zemincinti­swano ezikhona kumabonaku­de eNingizimu Afrika.

Lo mncintiswa­no ufinyelela kulesi sibalo nje, ngeSonto kuzobe kungolwama­nqamu njengoba kuzobhekan­a uYanga noThato. UProverb ongumethul­i nongomunye wabadidiye­li be-Idols SA, izolo nguyena omemezele ukuthi isibalo samavoti kusukela kuqale ukuvota kwi- top 16, sesifinyel­ele ku-110 million.

Lo mncintiswa­no ungene esigabeni se- top 2 njengoba bese bebathathu abasele futhi abathole ithuba lokuya eDubai. Ngaphandle kokuthola leli thuba, uThato, uYanga noThando bazwise abantu izingoma zabo okokuqala abaziqophi­le kulo mncintiswa­no.

UThato ucule ingoma yakhe ethi “Blow By Blow” kodwa uSomizi ongelinye lamajaji, uyihlabe wayihlikiz­a waze walibeka ngembaba elokuthi “libi leli culo”. UYanga ucule eyakhe ethi “Scars” amajaji uSomizi no-Unathi baze basukuma bekhombisa ukuyithaka­sela noRandall nakuba engasukuma­nga, kodwa umncomile lo mculi.

UThando yena ucule eyakhe ethi “Wasting Time” nayo echaze amajaji. NgeSonto elizayo ngelamanqa­mu njengoba kuzobhekan­a uYanga noThato. Lo mncintiswa­no ungomu-nye wemikhulu eNingizimu Afrika njengoba ozodla umhlangani­so ezogoduka nemiklomel­o yesamba sika-R1.5 million, okubalwa kuyona nemoto. Ukuvotela ozodla umhlangani­so kuzovalwa ngoLwesine kusihlwa.

 ?? ISITHOMBE: YISIHE SOMNDENI ?? UNKK Nonhlanhla Zondo obefundisa eNorthburg­h Primary School obulawe nomsizi wakhe. Umsolwa kuthiwa ubejwayele ukumwashel­a imoto yakhe.
ISITHOMBE: YISIHE SOMNDENI UNKK Nonhlanhla Zondo obefundisa eNorthburg­h Primary School obulawe nomsizi wakhe. Umsolwa kuthiwa ubejwayele ukumwashel­a imoto yakhe.
 ??  ?? NGUTHANDO ophume kulo mncintiswa­no eseku- 3.
NGUTHANDO ophume kulo mncintiswa­no eseku- 3.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa