Ilanga

Bakhala ngamabhasi

Abagibeli bafisa nokuba abuyele kuMasipala weTheku

- PAMELA ZUNGU phumelela@ilanganews.co.za

SIKHULU isililo ngokushoda kwamabhasi akwaTransn­at Durban, kubagibeli baseThekwi­ni namaphethe­lo njengoba kuthiwa abengafiki ngendlela ejwayeleki­le ezitobhini.

UNkk Thembi Ngubane waseMlazi, ongumgibel­i wala mabhasi, utshele ILANGA ukuthi kusukela ngeledlule amabhasi abengafiki ezitobhini, kokunye afike emuva kwesikhath­i. Uthi yize ehamba emgwaqweni, kodwa ayidlanzan­a.

Uveze ukuthi le nkinga kayiqali manje, isineminya­ka.

Ukhale ngokuthi bayaye bashaye amathikith­i enyanga, okuye kuthi uma amabhasi engasafiki, baphoqelek­e ukuboleka imali komakhelwa­ne ukuze bagibele amatekisi uma beya emsebenzin­i.

“Ayinkinga amabhasi esiwagibel­ayo futhi kawathembe­kile. Kasazi ukuthi yini inkinga yokungafik­i kwawo ngoba akekho osichazela­yo ukuthi ikuphi inkinga,” kusho uNkk Ngubane.

Uthe bangajabul­a uma amabhasi engabuyela ekuphathwe­ni wumasipala.

UNkz Siphesihle Ngema, naye ongumgibel­i, uthi ugibela ibhasi ngoba ezama ukonga imali, kwazise amatekisi amba eqolo. Uthi ngokujwaye­lekile amabhasi uma eseqale izinto zawo zokungafik­i, kuke kuthiwe aphelelwe wudizili.

“Uma abaphethe behluleka wukuwaphat­ha ngendlela efanele, kungcono avele avalwe ngoba anezinking­a eziningi, kungenjalo abuyiselwe kumasipala,” kusho uNkz Ngema.

Okhulumela uMasipala weTheku, uMnu Msawakhe Mayisela, uthe kuyiqiniso ukuthi amabhasi akwaTransn­at anokuphaza­miseka, yize umbiko mayelana nokuthi yini imbangela ungakakhis­hwa.

“Umasipala wenza konke okusemandl­eni ukuqinisek­isa ukuthi amabhasi azosebenza ngojwayele- kile maduze,” kusho uMnu Mayisela.

Uxolise kakhulu kubagibeli ngokuphaza­miseka kokuhamba kwamabhasi.

 ??  ?? KUNESILILO ngokushoda kwamabhasi akwaTransn­at ezindaweni ezakhele iTheku.
KUNESILILO ngokushoda kwamabhasi akwaTransn­at ezindaweni ezakhele iTheku.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa