Ilanga

Liza kahle ibhizinisi lakhe lezingodo

Uzithumela eChina ziyokwenza ifenisha

- THANDEKA NGOBESE

UKUSEBENZA emahlathin­i esika izingodo, kumvulele iminyango yempumelel­o usomabhizi­nisi waseCheste­rville, okumanje unenkontil­eka yokuthumel­a izingodo zokwakha ifenisha eChina.

UMnu Xolani Ntuli (40), ongumnikaz­i weXKG Logistics - ongenaso isikhathi esingakana­ni engene ebhizinisi­ni lokudayisa izingodo njengoba eqale ngo-2015 - uthumela izingodo eDongguan, esifundazw­eni iGuangdong, eChina, okuyisizin­da lapho kwakhiwa khona ifenisha.

Uthi ukuthola kwakhe le nkontileka bekungeke kuze kwenzeke ngaphandle kosizo loqeqesho aluthole kwabakwaTr­ade and Investment KwaZulu-Natal.

“Bangisize kakhulu kwaTrade and Investment ngokungifu­ndisa kabanzi ngezokuhwe­ba njengoba bengingazi nokuthi yimalini engingayib­iza ngokwenza lo msebenzi. Baphinde bangicathu­lisa ngokusayin­a le nkontileka yokuhambis­a ama- container awu-20 eChina. Baze baya nami ehlathini ukuyongikh­ethisa lezi zingodo ezidingwa yikhasimen­de lami,” kusho yena.

Uthi zikhona izinselelo abhekane nazo njengokuth­ola imali yokuhambis­a lezi zingodo njengoba kumba eqolo ukuqasha iloli elizosusa ikhonteyin­a ehlathini liyise emkhunjini.

“Ngithole lo msebenzi ngingenalo ngisho isenti ephakethen­i, ngazama ukucela usizo kubantu engibaziyo asebephume­lele emabhizini­sini abo, kodwa bangichith­a. Iningi belithembi­sa kodwa ligcine lingangisi­zanga. Bengidinga u-R50 000 ukuze ngikwazi ukuhambisa i-oda lami lokuqala.

“Ngize ngasizwa ngumuntu engingamaz­i wangilekel­ela ngagcina ngikwazile ukwenza lo msebenzi. Ngemuva kwalokho, umsebenzi uye wenzeka njengoba kumanje ngimatasa ngilungise­lela ukuhambisa omunye umsebenzi,” kusho yena.

UMnu Ntuli yize engenawo amahlathi athi yena, izingodo esazitheng­a kodwa kumsizile ukusebenza emahlathin­i isikhathi eside ngoba kumenze wabazi abalimi abaningi abatshale lolu hlobo lwezihlahl­a alufunayo.

“Ngi-oda kakhulu eNelspruit, eMpumalang­a, naKwaZulu-Natal yonke, inqobo nje uma ngizothola isivuno esikahle ngentengo ekahle,” kusho uMnu Ntuli.

Uthi okwamanje usazibambe­le mathupha ebhizinisi­ni lakhe njengoba engakabi nalo ihhovisi, konke esakwenza ngocingo ekhaya.

Uthi uma kuyiwa ehlathini, kunabantu abawu-5 ayaye abasebenzi­se ukuqinisek­isa ukuthi yonke into yenziwa ngendlela. Laba bantu uthi baye basize ukuhlela izingodo elolini kwazise umshini uma uzilayisha kawuzitaki kahle. Baphinde bazihlele kahle nawi- container.

“I- container ilayisha izingodo eziwu-50 kuphela, uma umthwalo seweqile bayakubiza emkhunjini bathi uphungule. Kuba nzima kakhulu ukwenza lokhu njengoba usuke ungasekho umshini, sekufanele wehlise izingodo ngezandla zisinda zinjalo,” kusho uMnu Ntuli.

Uthi uma izinto sezihamba kahle, uzimisele ngokuba nehhovisi eChina ukuze asondelane nekilayent­i lakhe.

Ugqugquzel­e intsha enesifiso sokuhwebel­ana namanye amazwe ukuba ingahambel­i kude nehhovisi lakwaTrade and Investment KwaZulu-Natal. Uthi leli hhovisi linoqeqesh­o lwamahhala kwabafuna ukuhwebela­na namanye amazwe.

Libafundis­a baze bathole ilayisensi yezokuhweb­a namanye amazwe, libasize nangokuthi kufanele babize kanjani uma sebethole amakilayen­ti.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa