Ilanga

I-1KZN TV igubhe iminyaka eyishumi

- LUCKY CAIN lucky.cain@ilanganews.co.za

SIGUBHE iminyaka eyishumi sisemoyeni isiteshi somphakath­i sikamabona­kude, i-1KZN TV. Umcimbi ubusezindl­ini zokusakaza eRichards Bay kanti ubuhanjelw­e yizicukuth­wane ezahlukene, okubalwa kuzo ezikahulum­eni, abefundisi nosomabhiz­inisi.

Ngokusho kukaDkt Themba Fakazi, ongusihlal­o webhodi yalesi siteshi, kuyabajabu­lisa ukusibona sikhula.

“Kuyasijabu­lisa ukuthi njengoba sigubha iminyaka eyishumi, sesizimele futhi sesiyaze- nzela izinto eziningi ngaphandle kokuncika kwezinye izinkampan­i,” kusho uDkt Fakazi enanela ngokuthi okunye okubajabul­i-sayo wubudlelwa­no abanabo namanye amazwe aphesheya kwezilwand­le.

“Ngikhuluma nje ngisanda kubuya e-Indonesia lapho besiyozama amaxhama okusebenzi­sana nesinye seziteshi zakhona,” kusho uDkt Fakazi ethi okwamanje banobudlel­wano nesiteshi, iVoice of America, yaseMelika ne-Al Jazeera.

Uthi okuhle ngalokhu wukuthi basezingxo­xweni nalezi ziteshi ngenhloso yokuqeqesh­a izintathel­i zabo.

“Kuyasithok­ozisa nokuthi eminye yemisebenz­i esiyikhiqi­zayo bayayithat­ha bayikhombi­se emazweni abo. Imisebenzi esiyiqopha­yo yehlukile kakhulu, yingakho beyithokoz­ela,” esho.

Uthi nakuba kukuningi okuhle abaziqheny­a ngakho kule minyaka eyishumi kodwa zikhona izingqinam­ba abasabheke­ne nazo njengokugq­oza kwezikhang­iso okuyizona eziletha imali.

“Kuletha ithemba ukubona uhulumeni wakithi kukhona akwenzayo ukusixhasa njengoba siyisitesh­i esingenzi inzuzo,” kuphetha uDkt Fakazi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa