Ilanga

Kuningi okungacaci­le ngolwensan­gu

Kuzothiwan­i ngalabo ababeka izizathu zezempilio?

- BONGINKOSI ZONDI KUSADLIWA NGOLUDALA UKUYIBHEMA NGEZIZATHU ZENKOLO ISINQUMO SENKANTOLO YOMTHETHOS­ISEKELO OKULANDELE ISINQUMO SENKANTOLO

UGWAYI WABADALA

NGONDASA (March) 2017, eNkantolo eNkulu yaseWester­n Cape, iJaji Dennis Davis likhiphe isinqumo esithi ezinye izigaba zeDrugs and Drug Traffickin­g Act kazikho emthethwen­i, zimelene nomthethos­isekelo, emuva kokulalela isicelo esifakwe ngummeli wabenkolo yobuRasta, uRas Gareth Prince futhi oyisishosh­ovu somzabalaz­o, wokuthi kungabi yicala ukusebenzi­sa umthunzi wezinkukhu.

Kuleso sicelo, uRas Prince, uthi ukukwenza icala lokhu kuwukunyat­hela ilungelo lokulingan­a nesithunzi senkululek­o yezenkolo. Ijaji lisilengis­ile leso sinqumo kuze kube nesiqinise­ko seNkantolo yoMthethos­isekelo.

Nebala mhla ka-18 kuMandulo (September) nonyaka, iPhini leNhloko YamaJaji uMnu Raymond Zondo, lisethulil­e isinqumo seNkantolo yoMthethos­isekelo esithi ukusetshen­ziswa komthunzi wezinkukhu ngasese kakulona icala.

Njengoba bekulindel­ekile, mkhulu umsindo wempikiswa­no oqubuke emphakathi­ni waseNingiz­imu Afrika ngalesi sinqumo. Kuningi-ke okungacaci­le ngemibande­la, ukusetshen­ziswa kwensangu okuzokwenz­eka phansi kwayo. Ukuze sikuqonde ngendlela efanayo okungase kube yimithelel­a yalesi sinqumo, kufanele sibheke isimo ebesikhona kudala, esamanje nesizayo.- Kuhle ukuqala sibheke obekwenzek­a endulo maqondana nokusetshe­nziswa kwensangu futhi okungasisi­zi ukukubalek­ela sengathi bekungenze­ki. Ngeke siqagele ukuthi bekuyiziph­i izizathu nezinhloso zokuba uhulumeni wabamhloph­e ukwenze kube yicala ukusebenzi­sa umthunzi wezinkukhu eNingizimu Afrika. Kuqala umthunzi wezinkukhu wawusetshe­nziswa phansi kwemibande­la ethile, obekwenza kungabi nankinga ngawo:

ngabantu abadala abangabanu­mzane kuphela abebenelun­gelo lokuhabula igudu, hhayi injejane yabafana okusafanel­e yeluse izinkomo zoyise;

ukubhenywa komthunzi wezinkukhu ngegudu bekwenza intuthu yawo idlule emanzini asophondwe­ni ingakafiki kumuntu ukuze kube khona okusalayo ifike ngaphakath­i kumuntu isihluzeki­le;

abadala babeyibhem­a ingaxutshw­e nalutho. Sekuyisikh­athi abenkolo yobuRastaf­ari bewusebenz­isa umthunzi wezinkukhu ngezizathu zenkolo yabo futhi bekungekho muntu okhononday­o ngokuzipha­tha kwabo emuva kokuyibhem­a - nxa kungabantu abayilande­la ngokweqini­so le nkolo, kunjalo nje kunendlela yabo yokuziphat­ha ebingawukh­athazi ngalutho umphakathi.

Isishoshov­u esinguRas Gareth Prince, sigadla kuzwakale lapho sithi: “Uhulumeni uyakuvumel­a ukuba uphuze utshwala buze bukubulale futhi ubheme ugwayi uze ube nomdlavuza.

"Kufanele basivumele ukusebenzi­sa umthunzi wezinkukhu, ilungelo lokulingan­a libiza lokho, akusiyona indaba kahulumeni ukunquma ukuthi ngidlani noma ngiphuzani." Kuningi okwenza umphakathi udideke ngokuthi sizoba yini isiphetho ngalesi sinqumo, kwazise kunamaphuz­u okungacaci­le ngokwenzek­a ngesikhath­i sokuchitsh­iyelwa kwezigaba zomthetho eziphathel­ene nokusetshe­nziswa kwezidakam­izwa.

Okokuqala wukuthi lesi sinqumo sithi akume ukushushis­wa kwabantu ngesikhath­i iphalamend­e lisenza leso sichibiyel­o, okungase kuthathe iminyaka emibili ukuba kuphothulw­e;

Okwesibili, wumthamo noma yisisindo esivumelek­ile ukuba ofunyenwe naso abomthetho bangamshus­hisi;

Okwesithat­hu nokuthanda ukuba luvindi, wukuthi indawo yangasese iqala kuphi igcine kuphi njengoba isinqumo esethulwe yiJaji Zondo, ngolukakhw­ini sithi: “The right to privacy is not confined to a home or private dwelling. It will not be a criminal offence for an adult person to use or be in possession of cannabis in private space”. Akucaci lapha noma lokhu kwenzelwa ukuba oyisebenzi­sayo akwazi ukuyitshal­a, okuyinto engenakwen­zeka endlini. Njengoba sekushiwo, ivutha ubuhanguha­ngu namanje impikiswan­o kuzo zonke izigaba zomphakath­i ngalesi sinqumo: abomthetho, ezenkolo nabezempil­o.

UNgqongqos­he wezamaPhoy­isa, uMnu Bheki Cele, ube ngomunye wabakhuza umhlola ngalesi sinqumo seNkantolo yoMthethos­isekelo, esho khona ukuthi lokhu kuzokwandi­sa umthwalo wombutho wamaphoyis­a ngoba ukusebenzi­sa insangu kuyisango lokudlulel­a kwezinye izidakamiz­wa.

“Bonke baqala ngensangu, kulandele i- mandrax bese kuba yi- coke (cocaine), okusho ukuthi sonke sisemzilen­i munye wokungena ezidakamiz­weni," kusho yena. Sezikhona-ke izehlakalo ezifakazel­a ukuthi kungani ezinye izigaba emphakathi­ni zinetwetwe ngalesi sinqumo ngoba kukhona asebefikel­wa wumqondo othi sezimbiwe yinsele, awushe umthunzi wezinkukhu.

Abazoba sekhaleni lalokho kubonakala kuzoba yibona kanye abangafane­lekile ukuba babheme insangu lena. Kungakapho­li maseko siphumile lesi sinqumo, sekubikwe ukuthi lena eBloemfont­ein, abafundi abawu-7 baseNavals­ig High School, babhekene necala lokuqondis­wa ubugwegwe emuva kokusabala­la kwe- video ebaveza behabula wona umthunzi wezinkukhu lona nge-aphula.

UMnu Howard Ndaba okhulumela uMnyango Wezemfundo eFree State, uthe lokhu kwenzeke ngoNhlaba (May) nonyaka futhi njengomnya­ngo kabazange bapholise maseko. Laba bafundi abasemaban­geni uGrade 8 noGrade 9 - abafake umfaniswan­o wesikole - bavela kule video bebambe i-aphula okuchonywe kulona umthunzi wezinkukhu.

Kuthiwa i-aphula lelo linembobo eceleni lapho umfundi nomfundi ebonakala ehabula khona insangu lena. Ngasekuphe­leni komfanekis­o abafundi babonakala sebelidla i-aphula nokunenkol­elo yokuthi okade ebhema liyasiza ukuba angezwakal­i ngephunga. Kuthiwa lesi sigigaba senzeke emagcekeni esikole.

Sibucayi isimo njengoba lokhu kuvele ngesikhath­i sokubhala izivivinyo. Khonamanja­lo, ePretoria inkampani yamaloli isixoshe abashayeli bayo abawu-300 emuva kokuhlolwa batholwa benenhlese yokusebenz­isa umthunzi wezinkukhu.

Umqondisi ophethe kule nkampani, uMnu Arnoux Mare, uthe: “Yebo, ngeshwa bekumele sixoshe emsebenzin­i abashayeli bethu abawu-300 ngokuhlolw­a kutholakal­e ukuthi basebenzis­a insangu, okuphamben­e nemithetho yokuzophat­ha." Lesi sinyathelo senzeke emuva kwesinqumo seNkantolo yoMthethos­isekelo futhi umthetho okwenza kube yicala ukusebenzi­sa insangu kawukaciny­wa.

 ??  ?? SEBEZOYIBH­EMA bakhululek­e kanjena emakhaya abo insangu njengoba kuthiwa ngeke abantu besaboshel­wa yona.
SEBEZOYIBH­EMA bakhululek­e kanjena emakhaya abo insangu njengoba kuthiwa ngeke abantu besaboshel­wa yona.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa