Uzihlola ukuqina kokhakhayi ngomasikandi owe-gospel
UTHAKE ngomaskandi kwi-albhamu yakhe entsha umculi we-gospel ozakhele udumo nyakenye eguqisa ozakwabo kwiSABC Crown Gospel Awards, eThekwini, enqoba indondo yeBest Song of the Year.
USbongukwanda “Jumbo” Nyangiwe (27) waseMzimkhulu, uqophe izingoma ezintathu zikamasikandi wazifaka kwi-albhamu yakhe entsha ye-gospel ethi “Ungikhathalele” ephume ngeledlule.
Lo mculi utshele ILANGA ukuthi isifiso sakhe esikhulu wukungena agxile ezinhliziyweni zabalandeli bakamasikandi ngenhloso yokufana noSfiso Ncwane (ongasekho) okunguyena umculi obamukeleka kubathandi balo mculo othathwa njengowamabhinca.
“Umculo kamasikandi wehluke kakhulu ngokwabalandeli bawo uma kuqhathaniswa nowethu wegospel.
“Babaxhasa kakhulu abaculi babo, bafa lapho kufa khona umculi abamlandelayo.
“USfiso bebemthanda abantu bakamasikandi futhi nguyena yedwa umculi we-gospel obekwazi ukungena emicimbini yomasikandi bonke behlangene engaphazanyiswa esteji, yize kwaziwa ukuthi abantu bakamasikandi kabambekezeleli umuntu oshaya olunye uhlobo lomculo.
Yena (uNcwane) ubesebenzisana nomasikandi, yilokho obekwenza bamthande,” kusho uJumbo.
Uthi ngenxa yekhono lakhe lokukwazi ukwenza yonke into emculweni, kunabantu abamkhuthazile bathi makawenze nomasikandi ukuze ezohlola ukuthi ukhakhayi lwakhe luqine ngakuphi.
Uthe into ayikhuthazayo emculweni wubumbano - yingakho kube lula ukuba ahlanganise i-gospel nomaskandi. ‚
“Ngonyaka ozayo kungenzeka ngiqophe i-albhamu ephelele kamasikandi ukuze ngizozihlola ukuthi yikuphi lapho ngiqine kakhulu ngakhona, kodwa lokho kakuchazi ukuthi ngiyeka i-gospel,” kusho uJumbo.
Uthi nakuba ecula i-gospel, kodwa umasikandi yiwona osenhliziyweni yakhe.