OFata badalula usizi olubahaqile
Bakholwa wukuthi bekungagwemeka ukufa kukaFata Mjengu
SIKHULU isililo kubefundisi bamaRoma Akhatholika ngaphansi kwesifunda-bhishobhi saseMariannhill, abathi baphoqeleka ukuyolala ezibhedlela zikahulumeni uma begula ngoba lungekho uhlelo oluqondile lokubabhekelela ngama- medical aid.
Laba befundisi beveze lokhu ngoLwesithathu olwedlule enkonzweni yomngcwabo wesilomo somfundisi waleli bandla, uFata Vitus Mjengu, ebikomkhulu, eMariannhill.
UFata Mjengu ushone emuva kokulimala engozini yemoto eyenzeke ngoMgqibelo owedlule ntambama, waphuthunyiswa esibhedlela saseCentocow.
Ufike kulesi sibhedlela bamdlulisela e-Edendale, eMgungundlovu, kodwa waphuza ukuthola umbhede okuthe noma esewutholile wanganakekeleka ngendlela, wagcina ngokushona ngoLwesibili.
Abanye ozakwabo bakholwa wukuthi lokhu bekungeke kwenzeke ukube ubethole usizo lwezempilo oluseqophelweni eliphezulu.
Ilungu lomndeni wakwaMjengu, elikhulume neLANGA, lithe umnewabo ngabe usaphila ukuba leli bandla belibahlinzeka abefundisi balo ngama- medical aid.
“Sifika esibhedlela, ubelokhu ekhalile ethi kubuhlungu la phansi kwezimbambo nasekhanda, okungenzeka ukuthi wophele ngaphakathi kodwa isibhedlela abekuso sangamsiza ngokumdonsa lelo gazi kusenesikhathi, kwaze kwaba kuyamenela.
“Siyacela leli bandla libabhekelele (abefundisi) ngama- medical aid ngoba baningi abazohamba kungafanele ngenxa yale nkinga,” kusho leli lungu lomndeni.
Elinye ilungu lebandla ebelikhona kule nkonzo, elikhulume naleli phephandaba lacela ukuba igama lalo ligodlwe, lithe lokhu kudweba isithombe esingesihle sokuthi ibandla elikhulu kangaka liyehluleka wukunakekela abefundisi balo baze bayofela ezibhedlela zikahulumeni kungafanele.
“Ibandla lethu linayo imali, sisanda kuhlanganisa imali engango-R1 million nje ezoxhasa abafundela ubu-fundisi. Uma singase siphinde sikwazi ukuhlanganisa le mali, ngikholwa wukuthi ingakwazi ukwelekelela abefundisi bakwazi ukuba nama- medical aid,” kusho leli lungu lebandla. Omunye umfundisi okhulume ne
LANGA - naye esiligodlile igama lakhe ngoba engagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba - uthe le nto yabefundisi abangenawo ama- medical aid iyinkinga ngoba abanye bagcina sebehlala nokugula kungafanele ngenxa yokungabi nayo imali yokuya kodokotela, benqena ukuyobamba olayini emitholampilo.
“Iminyaka kayimile iyahamba, njengoba sikhula nje nezifo ziba ziningi egazini, okwenza ukuthi sihlale sigu -la. Isifo sikashukela, umdlavuza wabantu besilisa kumele sihlale sikuhlola, kodwa kasikwazi ngenxa yale nkinga yokuthi kufanele siyobamba imigqa emide emitholampilo kanti isikhathi kulo msebenzi esiwenzayo kasinaso kahle,” kusho lo mfundisi.
Ethintwa uMbhishobhi Pius Dlungwane wesifunda-bhishobhi saseMariannhill, uthe abefundisi banalo uhlelo lwama- medical aid kodwa akazi ukuthi seluhambe lwagcina kuphi.
Ucele ukuba kuthintwe uFata Lindani Madela noma uFata Vitus Jili okuyibo ababhekele lolu daba lwama- medical aid abefundisi.
Uthe khona kusobala ukuthi uMfu Mjengu ubelimele kakhulu ngaphakathi kodwa wangashesha wahlolwa kahle, wagcina ngokushona.
UFata Madela uhambe emazwini kaMbhishobhi Dlungwane wathi impela lukhona lolu hlelo yize esekhohliwe ukuthi yiyiphi le nkampani ye- medical aid umbhishobhi abafaka kuyona.
“Amapherishi yiwona obekufanele afake imali ukuze i- medical aid yomfundisi wabo ingavalwa. Wonke amapherishi ayazi ukuthi wumsebenzi wawo ukuthi akhokhele abefundisi bawo i- medical aid.
“Obekufanele ngikubheke wukuthi ngesikhathi uMfu Mjengu esuka eMbumbulu lapho abekhona, eseya eBulwer, amakholwa akhe aqhubekile yini nokumkhokhelela i- medical aid. Wonke amaKhatholika ayalelwa ngumbhishobhi ukuba akhokhele abefundisi ama- medical aid, uma engakwenzi lokho, sekungaba adelela umyalelo womhlekazi,” kusho uFata Madela.
Ibandla lethu linayo imali, sisanda kuhlanganisa imali enguR1million...