Ikhuza ibuya iDate My Family

Ilanga - - Impilo - LUCKY CAIN

LUKHUZA ibuya ngeSonto uhlelo oluyintandokazi lokuhlanganisa izithandani iDate My Family. Lolu hlelo olukhonjiswa kuMzansi Magic Channel 161 belusathathe ikhefu njengoba esikhaleni salo bekukhonjiswa umncintiswano we-Idols SA. Lo mncintiswano ufinyelele emaphethelweni ngeSonto eledlule, ogcine unqotshwe yintokazi yaseKapa uYanga Sebotelwa. Lolu hlelo lungolunye oluthandwa kakhulu ezinhlelweni ezisakazwa ngamaSonto kusihlwa kulesi siteshi njengoba lunezigameko ezahlukene ezishiya abantu bekhuluma ezinkundleni zokuxhumana. IDate My Family ihlanganisa izishimane nemindeni yalabo abasuke befuna uthando. Isishimane kumele sizakhele ugazi emndenini ngaphambi kokuba sihlangane nolangazelele uthando. Isishimane kumele sikhethe emindenini emithathu ukuthi sizimisele ukuhlangana namuphi. UMzansi Magic ungesinye seziteshi zikamabonakude ezibukelwa kakhulu ngeSonto ngenxa yezinhlelo ezahlukene okubalwa kuzo i-Our Perfect Wedding, The Throne nezinye ezahlukene.

ISITHOMBE: TWITTER

UMDU Nyoni ungomunye wabantu abaphithizelisa izinkundla zokuxhumana ngemuva kokuvela ohlelweni iDate My Family.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.