IBAROKA IFUNA UKUWUQOPHA NGE-WITS UMLANDO KWI-TKO
IZIMISELE ngokuqopha umlando iBaroka FC ngokufinyelela kowamanqamu okokuqala ngqa emlandweni wePremier Soccer League (PSL).
IBaroka izotholana phezulu neBidvest Wits kowandulela owamanqamu weTelkom Knockout ngeSonto ngo-15h00 ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane. Ozonqoba kulo mdlalo uzogijima kowamanqamu ohlelelwe umhla ka-8 kuZibandlela (December) eNelson Mandela Bay Stadium, eBhayi.
ULetladi Madubanya ( osesithombeni) ongumdlali weBaroka obuye alihlikihle esisiwini, utshele ILANGA ukuthi banethemba lokuthi kuzobasiza kakhulu ukudlalela ekhaya ekutheni baqumbe phansi iWits evikela lesi sicoco.
“Amalungiselelo alo mdlalo ahamba kahle kakhulu. Siyajabula ngoba abantu abaningi kabasiniki lutho kulo mdlalo okwenza singabi ngaphansi kwengcindezi. Isifiso sethu esikhulu wukufinyelela kowamanqamu. Siyazi ukuthi kusengenzeka noma yini kulo mqhudelwano. Ukuwunqoba kungasenza sibe noKhisimusi omuhle kakhulu,” kusho uMadubanya.
UGavin Hunt ololonga iWits ukhale kakhulu ngokunyomfeka kwezinhlelo zakhe kwazise uqale amalungiselelo alo mdlalo ngaphandle kwesikwati sakhe esigcwele kwazise abadlali bakhe abawumgogodla bebemele amaqembu abo esizwe emidlalweni yokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) ebithe chithi saka ngeledlule.
Lo mqeqeshi uzwakalise ukuthi cishe uzoqala namuhla ngoLwesine ukuba nesikwati esigcwele ejimini. Nokho uthe unethemba lokuthi bazokwazi ukusivikela isicoco sabo.
“Nakuba imidlalo yemikhumulajezi yakuleli ungeke wakwazi ukuqagela imiphumela yayo kwazise amakilabhu azimisela ngokuphindiwe kodwa sifuna ukusivikela isicoco sethu,” kusho uHunt.