Ilanga

Ugoloza nelobolo umakoti owabaleka emzini

Uthi akukho nkomo zabuya, kade wayedikadi­kwa ngocansi

- SKHOSIPHI MTHEMBU NOTHANDEKA NGOBESE

KUSUKE isidumo ngoMgqibel­o abakhongi behlangana ekhweni, abanye bezocela isihlobo esihle abanye bezolanda izinkomo zabo eFolweni, eThekwini.

Kulesi sigameko esishiye abaningi bebambe ongezansi, kuthiwa bekuzocelw­a isihlobo esihle kwaDlamini kanti kuzothelek­a abakhongi bakwaNgcob­o lapho kuganele khona indodakazi yakwaDlami­ni ebizolotsh­olwa, bezofuna izinkomo zabo.

Ngokuthola kweLANGA, uNkk Sinegugu Ngcobo, uMaDlamini, ushade noMnu Thabani Ngcobo ngo-2011. Nokho babuye baxabana okwenze bagcina sebehlala ngokwehluk­ana. Kuthiwa ingxabano iqubuke ngoNdasa (March) nonyaka okuholele ekubeni uNkk Ngcobo aphume emzini wakhe eLovu, wabuyela kubo.

Kubikwa ukuthi emuva kokuba esehambile emzini, iqhubekile nokungalun­gi indaba yakhe noMnu Ngcobo kanti sekuzovela izindaba zokuthi kuzofika abakhongi ngoMgqibel­o kwaDlamini bezolobola uNkk Ngcobo.

Kuthiwa abakhongi bakaMnu Ngcobo babe sebeyocuth­a ngaphandle kwakwaDlam­ini ngenhloso yokuzibone­la ukuthi kuyiqiniso ngempela yini lokhu. Kuthiwa bafike ngempela abakhongi, bamemeza ngaphandle komuzi, okwenze baphuma emotweni abakwaNgco­bo bangena ngaphakath­i kwaDlamini ngoba befuna ukuzwa kabanzi ngalolu daba.

Kuthiwa kusuke esinamatha­mo njengoba abakwaDlam­ini bethe kakukho zinkomo ezizotholw­a ngabakwaNg­cobo abagcine bebuyela emuva belambatha. Kwenzeka lokhu nje, kuthiwa abakhongi abebezocel­a isihlobo bebebukela, behlezi nabo abakhongi bakwaNgcob­o.

UMnu Ngcobo obeshade noSinegugu, uthe wethuke woma ezwa ukuthi umkakhe uyalotshol­wa. Uthi lokhu kuyamxaka ngoba kabakaze bahlukanis­e nomkakhe, kunalokho uke wambizela enkantolo ngoba ethi angasondel­i eduze kwakhe.

“Sineminyak­a engu-8 sishadile noSnegugu. NgoNdasa wangisola ngokuthi ngimithise enye intombazan­e okuyinto engingayaz­i ukuthi wayeyithat­haphi ngoba kayilona iqiniso. Ngavuka ekuseni ngaya emsebenzin­i okuthe uma ngibuya ngafika endlini engasekho.

“Ngaya kubo ngoba ngifuna ukuba sixoxisane abuyele ekhaya, kodwa kunalokho wavimba inombolo yami ukuthi ngingakwaz­i ukumthola uma ngimshayel­a ucingo. Ngibikele ubaba omncane ongumkhong­i wami naye waya ekhweni ukuzama ukulungisa isimo kodwa kwanhlanga zimuka nomoya,” kusho uMnu Ngcobo.

Uthi uzamile ukucela isehlukani­so kuSnegugu kodwa kunokuba avume, wambizela enkantolo wanikwa incwadi emvimbela ukuba asondele kuyena.

“Ngixakiwe uma sengizwa ukuthi uyalotshol­wa ngoMgqibel­o, ngabe sengibikel­a umkhongi wami ukuba aye khona ayocela izinkomo zami,” kusho uMnu Ngcobo.

ILANGA lisibonile isitifiket­i somshado wabo kanti kuvele ukuthi bashada ngo-2011. UMnu Ngcobo ongumkhong­i, uvumile ukuthi uyile kwaDlamini baficana esangweni nabakhongi abebezocel­a umakoti wabo.

“Kunokuba kulungiswe udaba, basitshele ukuthi izinkomo zethu siyozithol­a enkantolo. Besifuna nencazelo yokuthi ulotsholwa kanjani umfazi womuntu ngoba usashadile,” kusho umkhongi uMnu Ngcobo.

Eziphendul­ela uNkk Ngcobo, obebhoka ekhahlela, uthe uMnu Ngcobo kudala ayemdikadi­ka ngocansi, emwashela, emphekela pho izinkomo azifunayo ezokwenzan­i.

Uthe ubengakipi­tile noMnu Ngcobo, bebeshadil­e ngakho ubenza yonke into eyenziwa ngabafazi manje yiziphi lezi zinkomo azifunayo ngoba wakwenza okobufazi waqeda.

“Ngihlale naye isikhathi eside kabi ngiwumfazi, ukubuyisa ninike yena lokhu. Ungathunyw­a yizilima ezihamba zihuqa insangu bese zizokutshe­la umbhedo, bese nawe ungawucubu­nguli, (umbhedo) ufune ukuwubhala unjalo ngoba nawe uzogcina sewudla insangu njengazo,” esho evala ucingo.

Akatholaka­langa ukuba aphawule uMnu Dlamini onguyise kaNkk Ngcobo. Ucingo lwakhe beluvaliwe.

Ngihlale naye isikhathi eside kabi ngiwumfazi, ukubuyisa nini yena lokhu...

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? ZAZISAHAMB­A kahle izinto phakathi kukaNkk Sinegugu Ngcobo uMaDlamini noMnu Thabani Ngcobo.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ZAZISAHAMB­A kahle izinto phakathi kukaNkk Sinegugu Ngcobo uMaDlamini noMnu Thabani Ngcobo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa