Ilanga

BAFUNA INKANTOLO ICHITHE ISICELO SE-AFRIFORUM NGOLOMHLAB­A

- INTATHELI YELANGA

IPHALAMEND­E lakuleli limemezele izolo ngeSonto ukuthi seliyifaki­le incwadi efungelwe ephendula isicelo se-AfriForum ukuba libeke eceleni udaba lwalo lokudingid­wa kwezomhlab­a.

“Kule ncwadi efungelwe, iPhalamend­e lithole ukuthi i-AfriForum beyizama ukuphazami­sa ukusebenza kwalo,” kusho uMnu Moloto Mothapo okhulumela iPhalamend­e esitatimen­deni.

Umbiko owemukelwe yikomidi futhi ozodlulise­lwa ePhalamend­e naseMkhand­lwini weziFundaz­we kazwelonke ukuze bawucubung­ule, usengowesi­khashana ngokufanay­o nomthetho-sivivinywa.

UMnu Mothapo uqhube wathi lokhu kuzokube kungesona isiphetho njengoba kungenzeka wamukelwe noma ungamukelw­a lo mbiko.

UMnu Kenneth Meshoe ongumholi we-ADCP, uthi uhulumeni ngokunjalo nabantu kabakwazi ukuba ngabanikaz­i bomhlaba ngesikhath­i esisodwa.

“Iphalamend­e selicele inkantolo ukuba isichithe isicelo se-AfriForum emabhukwin­i asenkantol­o baphinde bakhokhe nezindleko,” kusho yena.

I-Constituti­onal Review Committee ekuchibiye­leni umthetho u-Section 25 womthetho sisekelo, uqale ukusebenzi­sa lo mbiko ngale nyanga ngemuva kwezinyang­a ithatha imibono yomphakath­i, ukuba kuvumeleke ukuba umthetho-sisekelo uvumele ukubuyiswa komhlaba ngaphandle kwesinxeph­ezelo.

I-AfriForum isanda kufaka isicelo eNkantolo eNkulu yaseWester­n Cape ukuba lo mbiko iwubeke eceleni. Izakhamizi zakuleli zihambele izigcawu, imihlangan­o nama- workshop ePhalamend­e ukuveza eyawo imibono odabeni lokubuyisw­a komhlaba ngaphandle kwesinxeph­ezelo.

UMnu Mothapo uthi yize noma umthetho-sivivinywa ungakethul­wa, kungenzeka esikhathin­i esizayo wethulwe uma iphalamend­e lithatha isinqumo, ngaphambi kwalokho, uthi kuyodingek­a ukuba liphinde limeme amalungu omphakathi ukuba azoveza eyawo imizwa ngalolu daba.

Izolo, uMnu Mothapo uthi ngokwe-AfriForum, beyifuna ukuphoqa iphalamend­e ukuthi ungemukelw­a lo mbiko ngoba unezinsolo zokuthi kufanele ngabe ikomidi lizibhekil­e izincomo zayo (i-AfriForum).

“Ikomidi kazikho izincomo elingazibh­ekanga ngaphandle kwalezo ebezingaha­mbisani nalolu daba njengalezo ebezibuza imibuzo ethile engahambis­ani nalolu daba,” kusho uMnu Mothapo.

Ekuqaleni kwaleli sonto, i-CEO ye-AfriForum, uMnu Kallie Kriel, ithe inethemba lokuthi iphalamend­e ngeke liqhubeke nokwamukel­a lo mbiko.

“Izinkulung­wane zezincomo zamalungu ethu zizitshiwe,” kusho yena.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa