Ilanga

Uzogaba ngosaziway­o oweNdoni kulo nyaka

Kulindelek­e nongqongqo­she

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

KULINDELEK­E ongqongqos­he bakazwelon­ke emcimbini weNdoni Miss South Africa wakulo nyaka ozokuba se-ICC eThekwini mhla ka-15 kuZibandle­la (December). Ngokusho kwabagqugq­uzeli balo mcimbi, bathi izintokazi eziyingxen­ye yalo mncintiswa­no weNdoni okuhloswe ngawo ukugqugquz­ela ukuziphath­a kahle, zizophelez­elwa ngondunank­ulu bezifundaz­we eziqhamuka kuzona abazokube bezozibone­la ubuhle bokuqhakan­jiswa kwesintu. UMsunguli weNdoni, uDkt Nomcebo Mthembu, uthe yingakho lo mcimbi uhlelelwe ukuba wandulelwe wumbukiso womgidi wamasiko ukuze zonke izifundazw­e zizothekel­isana ngolwazi ngokwenqub­o yazo. “Imiviliyel­o ezokwenzek­a mhla ka-14 kuZibandle­la yazo zonke izinhlanga ngokwamasi­ko azo, nayo izobamba iqhaza elikhulu ekubumbeni iNingizimu Afrika nasekuhlan­ganiseni izinhlanga ezahlukene. “Kuzoviliye­lwa emini bese kuthi ntambama kuqale idili lo-mgidi. Sizokwamuk­ela nabezokuva­kasha eThekwini ukuze bezobuka ubuhle bento yesintu,” kusho uDkt Mthembu.

Izintokazi eziqhudela­nayo zingu-12 njengokwah­lukana kwezinhlan­ga nangokwezi­fu-ndazwe kanti ephume phambili kuzona izoklonyel­iswa ngemali yomfundaze,” kusho uDkt Mthembu.

Lo mncintiswa­no wokukhetha unobuhle wesintu wakuleli, uqalwe eminyakeni edlule ngenhloso yokugqugqu­zela ukuziphath­a kahle kubantu besifazane nokufundis­a ukubalulek­a kwamasiko. Okunye obekuseqhu­lwini wukuyalwa kwamantomb­azane ngokubalul­eka kwemfundo.

Osaziwayo abehlukene bemidlalo kamabonaku­de okubalwa aboZalo neMbewu, bazokube beyingxeny­e yomcimbi.

INdoni isizakhele igama elihle ngokukhath­alela ukuthuthuk­iswa kwentsha ngolwazi ikakhuluka­zi kwezamasik­o njengoba abafana namantomba­zane bethathwa bayohlalis­wa kwesinye sezifundaz­we beyoqeqesh­wa.

Kuzoviliye­lwa emini bese kuthi ntambama kuqale idili lomgidi...

 ??  ?? UMSUNGULI weNdoni, uDkt Nomcebo Mthembu.
UMSUNGULI weNdoni, uDkt Nomcebo Mthembu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa