Ilanga

Usebenza nezingane zakhe kwelamaqan­da

Uthi wayengakut­handi ukuba ngumlimi

- PAMELA ZUNGU phumelela@ilanganews.co.za

AKAVUMELAN­GA imuva lakhe limvimbe endleleni ebheke empumelelw­eni usomabhizi­nisi waseWinter­ton onepulazi elikhiqiza amaqanda kuyona le ndawo.

UMnu Seo Mtetwa (57), wenkampani iNu Dawn Eggs, uthi ukhule kanzima ehamba ehlala emizini yabantu ngenxa yokuhluphe­ka, kodwa namhlanje ungusomabh­izinisi ovelele, kwazise akavumelan­ga lobo bunzima ukuba bumnqinde amandla.

Lo somabhizin­isi, ongumengam­eli weKwaZulu-Natal Poultry Institute, utshele ILANGA ukuthi usungule iNu Dawn Eggs ngo-2001, okumanje uqashe izisebenzi eziwu-146 ezisebenza eWinterton, eKokstad naseWestme­ad, ePinetown.

Amahhoko asepulazin­i lakhe eWinterton alayisha izinkukhu ezingaphez­u kuka-400 000 ezikhiqiza amaqanda kanti manje uhlela ukudayisa izinkukhu ezinqunyiw­e.

Utshele ILANGA ukuthi amaqanda akhe uwaphakela izitolokaz­i ezahlukene okubalwa kuzona uSpar, u-Ok Foods, uJwayelani noCambridg­e.

Uthi ngesikhath­i kuvela indaba yegciwane leSalmonel­la - okuvele ukuthi limandla emaqandeni - ubengethuk­ile kakhulu ngoba izinkukhu zakhe uyazivikel­a kakhulu.

Uthi ukhule efuna ukuzimela, abe ngusomabhi­zinisi kodwa ubengathan­di ukuba ngumlimi. Kuthe kuqhamuka ithuba lokuba nepulazi, walibamba ngazo zombili. Emkhakheni akuwona kugcwele kakhulu abamhlophe - babili kuphela abamnyama abanamapul­azi ezinkukhu amakhulu eNingizimi Afrika njengoba kunguyena nomunye wesilisa waseMpumal­anga (isifundazw­e).

Uthi usebenza ngokubambi­sana noMnu Philani Dlamini onamasheya eNu Dawn Eggs - kodwa nguyena uMnu Mtetwa onamaningi. Akagcini ngokuba nezinkukhu, unanezikla­bhu eziwu-320.

“Bekungelul­a ngesikhath­i ngisaqala, kodwa ngoba bengazi ukuthi ngiphokoph­elephi, ngisebenze ngokuzikha­ndla ukuze ngifike lapho engikhona namhlanje. Ngithanda ukutshela osomabhizi­nisi abasafufus­a ukuthi kayilula indlela eya empume- lelweni, kuphela kumele ubenothand­o lwento oyenzayo futhi ungajahi imali.

“Into engigcinil­e nengikhuli­sile kuleli bhizinisi wukuncela ulwazi kubantu asebemnkan­tshubomvu kulo mkhakha. Uma ungumuntu otefayo ngeke ulunge ebhizinisi­ni,” kusho uMnu Mtetwa.

Utshele ILANGA ukuthi ungene emkhakheni wezinkukhu ngesikhath­i kuvela ithuba lomsebenzi eBokomo Foods, eWestern Cape, ngaleso sikhathi ubesebenza kwaNulaid Eggs.

Ngaphambi kokungena emaqandeni, uqale ngokuseben­za embonini kashukela, eshanela izinsalela zomoba.

“Ngiqale ngilayisha amaqanda eNulaid, ngasebenza ngokuzikha­ndla, ngathola isikhundla sobumenenj­a ekulayishe­ni amaqanda asatshalal­iswa eWestern Cape, ayiswe KwaZulu-Natal, yise-Eastern Cape naseGauten­g.

Amasenti ebengiwenz­a ngizifundi­se ngawo e-University of Stellenbos­ch, ngathola isitifiket­i kwiBusines­s Management,” kusho uMnu Mtetwa.

Uthi phakathi kuka-1998 no-1999 kuvele ithuba lokuba athenge ipulazi lamaqanda eNulaid, kodwa wangalitha­tha ngoba ubengenaso isiqinisek­o sokuthi usekulunge­le ukuliphath­a.

Utshele ILANGA ukuthi zonke izingane zakhe zisebenza naye ngoba ufuna ukushiya ifa alisebenze­le kanzima emndenini wakhe, ukuze nezizukulw­ane ezizayo zingeke zihlupheke.

Uthi kunezinsiz­wa ezimbili ezenze i- in-service training kuyena, okumanje zisebenza e-United States of America, zenza umsebenzi kwezolimo. Uthe kubaluleki­le ukuba osomabhizi­nisi abasafufus­a bakhumbule ukuthi kakumele basebenzis­e budlabha imali yebhizinis­i noma bayisebenz­isele izinto eziqondene nabo ngoba ngeke bayibone inzuzo.

Lokho uthi kuyodala ukuba ibhizinisi liwe.

Ubeluleka ngokuthi babe namaakhawu­nti amabili, eyebhizini­si neqondene naye ngqo. Uthi osomabhizi­nisi abamnyama kumele bacobelela­ne ngolwazi ukuze bezokwakha­na futhi bathuthuki­sane.

 ?? IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E ?? NGEZINYE zezinkukhu ezikhiqiza amaqanda epulazini likaMnu Seo Mtetwa (okwesincan­e), iNu Dawn, eWinterton.
IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E NGEZINYE zezinkukhu ezikhiqiza amaqanda epulazini likaMnu Seo Mtetwa (okwesincan­e), iNu Dawn, eWinterton.
 ??  ??
 ??  ?? LEZI ngezinye zezisebenz­i zaseNu Dawn Eggs.
LEZI ngezinye zezisebenz­i zaseNu Dawn Eggs.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa