Ilanga

UTHEMBSIE UKHALILE EWINA IZINDONDO

- LUCKY CAIN lucky.cain@ilanganews.co.za

UKHIHLE isililo waswela amazwi umlingisi wodumo lomdlalo owuchungec­hunge ehlabana nezindondo emcimbini weDstv Mzansi Viewers Choice Awards eSandton ngoMgqibel­o.

UThembsie Matu ugoduke nezindondo, eyeFavouri­te Actress neyosuku yeViewers Choice.

Lo mlingisi udlala indawo kaPetronel­la emdlalweni owuchungec­hunge, iThe Queen, okhonjiswa kuMzansi Magic Channel 161.

Ezibongela lo mlingisi ngokuvotel­wa ngabalande­li ukhihle esikaNandi.

“Angazi kumele ngithini ngaphandle kokuthi ngiyabonga kakhulu,” kusho lo mlingisi echiphiza izinyembez­i.

Kulo mcimbi, kuphinde kwahlonish­wa nenkakha yomculo wokholo, uRebecca Malope.

URebecca naye wenze esifanayo noThembsie njengoba evele wakhala ngesikhath­i ehlonishwa. Ube esenxusa abantu ukuba baweseke amaciko akuleli ngoba abhekana nezinkinga eziningi kungekho muntu owalalelay­o.

Umcimbi wangoMgqib­elo ubudlise ngengqephu nosaziwayo bephume ngobuningi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa