Ilanga

Ubumnandi bebubuzwa eNsimbini Lifestyle

- JOHN HLONGWA

NJENGOBA bekuyimpel­asonto yemicimbi emikhulu eThekwini, iTelkom Knock-out ebiseMoses Mabhida namaCrown Gospel Award abese-ICC izolo, nezindawo ezincane azisalanga ngaphandle ukujabulis­a abantu.

NgoLwesihl­anu abathandi bobumnandi bathuthele­ke eNsimbini Lifestyle, eMbumbulu, beyobhiyoz­a emcimbini obizwa nge “The beat goes on” lapho bekudlala khona uDJ Tira, DJ Naves noSphectac­ula noDJ bendawo.

UDJ Tira ungene ngehora leshumi nambili ebusuku wadlala yedwa kuthe ngemuva kwesikhath­i kwangena abadansi base-Afro bampheleze­la. Kuthe eseyoqeda wajoyinwa nguSpectha­cula noBeast badlala ingoma edume kakhulu kulezi zinsuku ethi, “Bhampa”.

Le ngoma inezinhlam­vu ezikhonzwe kakhulu ezithi, “Bhampa phezu kwelokhuza, akekho ozokhu- za”.

Noma izulu belilokhu likhemezel­a kodwa abantu abaphelang­a umoya, bebedansa beshutha nezithombe ngamaselul­a abo.

UDJ Tira ukhumbuze abantu ngomcimbi wakhe omkhulu obizwa ngeFact: Durban Rocks oba minyaka yonke kuleli dolobha.

Ngemuva kukaTira kube sekungena uDJ Lee obingelele ngengoma kaVusi Nova eshisa izikhotha njengamanj­e ethi, “Asiphelela­nga” kwavele kwachwaza.

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? NGU-ZAKES Bantwini
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA NGU-ZAKES Bantwini

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa