Ilanga

BEZIBUYA EMALOKISHI­NI ASETHEKWIN­I

- JOHN HLONGWA

NGEMUVA komdlalo weTelkom Knock-Out obuseMoses Mabhida ngempelaso­nto, abathandi bobumnandi banikele ezindaweni ezahlukene ukuyozijab­ulisa.

Iningi lithuthele­ke eMashampla­nes, eChersterv­ille, Artizen KwaMashu, Eyadini nakwaMax, eMlazi, ukubala ezimbalwa nje.

Abanye bavele bavula amagazibho abo badonsa amalahle bazosela inyama eduze kwakhona eMabhida.

EMashampan­es abantu bajatshuli­swe nguZakes Bantwini obedijeya, ubona ukuthi lento ayenzayo uyizwa ngaphakath­i.

UBonga, ongumnikaz­i wale ndawo, ubonge kakhulu ngokwesekw­a abakuthola kuMasipala weTheku ngokugqugq­uzela abavakashi ukuthi uma beseThekwi­ni bazivakash­ele lezi zindawo ezisemalok­ishini.

Emini, khona eMashampla­nes, bekukhona uCassper Nyovest ezokhumbuz­a abantu ngomcimbi wakhe omkhulu ozoba ngesonto elizayo, i“Fill up Mabhida”.

UZiyasha ukhulume noNtombifu­thi Masango waseSoweto, eGoli, obevakashe eThekwini, nothe iTheku lishaye izinyoni ezimbili ngetshe elilodwa njengoba lisingathe iTelkom namaCrown Gospel Awards ngempelaso­nto eyodwa.

Ubelokhu ebabaze ubumnandi beTheku.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa