Ilanga

ZAMUKELWE NGEDILI LOMCULO IZIVAKASHI E-DRAKENSBER­G

- SANDILE MAKHOBA makhoba@ilanganews.co.za

ZAMUKELWE ngedili lomculo izivakashi ebezihambe­le umcimbi obizwa ngeDrakens­berg Extravagan­za kuMasipala uKhahlamba Region, eBergville.

Lo mcimbi, ozothatha izinsuku ezilishumi, uqale ngoLwesihl­anu kanti uzoze uphele ngomhlaka 01 December.

NgoLwesihl­anu ekuseni kuqale kwavakashi­swa izivakashi ezinda- weni ezahlukene ezakhele izintaba zoKhahlamb­a. Kuthe ntambama kwaba nesidlo sakusihlwa lapho bekunandis­a khona amaciko endawo ngengoma ebingaphel­ezelwa ngisho nayizinsim­bi ne- jazz.

Iqembu lendawo, iThe Legacy, elikhiqizw­e yiBlack Mambazo, lishiye abantu besafuna impinda ngemuva kokuba lidlale izingoma ezindala zeBlack Mambazo esingabala nethi, “Homeless”.

Ngemuva kwalo kungene iqembu lomama ebelivunul­e liconsa, lashaya isigekle kwachazeka abantu.

Lo mcimbi ubuseSport Centre, khona oKhahlamba, kanti uhlelwe nguSipho Ndaba.

Kuhlelwe ukuba uphethwe ngendumezu­lu yefestivel­i okuzodlala kuyo abaculi bakuleli abadumile okubalwa kubo uBabes Wodumo noSjava.

 ?? ISITHOMBE: NGU SANDILE MAKHOBA ?? I-THE Legacy ishaye izingoma zeBlack Mambazo kwachazeka izivakashi ebezamukel­wa kwiDrakens­berg Extravagan­za ngoLwesihl­anu.
ISITHOMBE: NGU SANDILE MAKHOBA I-THE Legacy ishaye izingoma zeBlack Mambazo kwachazeka izivakashi ebezamukel­wa kwiDrakens­berg Extravagan­za ngoLwesihl­anu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa