Ilanga

BAPHEFUMUL­A NGOLOMQASH­I OTHENGELE ISISEBENZI INKABI

-

BAPHAWULIL­E abafundi bethu ngodaba lomqashi onguTrevor Wayne oshaywe ngoswazi oluncane lweminyaka ewu-10 ebhadla ejele ngokutheng­ela isisebenzi sakhe inkabi ukuba isibulale ngoba simmangale­le:-

Musa Ndosi: Manje umqashi ushaywa kanjani ngoswazi oluncane umuntu elimele kanje?

Buzokwakhe eMelmoth: Kwaze Kwabuhlung­u.

Thulani Skhakhane: Kabukho ubulungisw­a uma kunje.

Nnattieyt Siyanda Phathumjov­o Hlavule: Yaze yabuhlungu indaba, kusobala ukuthi umqashi yingoba enemali, yingakho eshaywe ngoluncane.

Veliswa Sondiya: Kayikho le nto, bekufanele abolele phakathi.

LaMkhatshw­a KaSthuli Gasela: Kabukho ubulungisw­a kule nto, omunye ulimele, umenzi wobubi ushaywa ngoswazi oluncane!

Sthubeni Sjekula: Wake wathwala kanzima nsizwa. Kungcono ngoba wasinda, ngiyakubon­gela. Lo do@#% manje ushaywa kanjani ngoswazi olu- ncane ngoba kumele ngabe usudilikel­we yijele?

Msent Khumza: Kuleli zwe uma ungenamali kawulutho nje. Carlos Carlo: Kayikho le nto. Siyabonga Gumede: Kunzima bafowethu emhlabeni.

Sizeni MaDlamini OkaMalande­la Gasa: Kuyayiwa ezulwini, yinkabi yamanyala yini bantu!†Uswazi oluncane kodwa umuntu ecishe washona, waze walahlekel­wa yingalo! Kuyadlalwa ngathi la.

Fana Chili: Uhulumeni wamasela, kugwaziwe nje lona olimele yisichaka.

Nkosikhona Buthelezi: Ngoba la eNingizimu Afrika uma unemali unakho konke. Buka umuntu ukhubazeki­le kodwa bathi umenzi wobubi ushaywe ngoswazi oluncane.

Robs Mfokazinja Ziyamkhonk­otha Mthembu: Ushaywa kanjani ngoswazi oluncane umuntu enye ingane ingenangal­o?

Andile Mbhele: Iminyaka ewu-10 nje kuphela (ejele) kumuntu owadubula lo baba, wamgwaza, wamukhipha amathumbu ngaphandle?

Mpho Fuzelihle Ngcobo: Kwaze kwanzima!

Nontokozo Masinga: Bekumele abolele ejele.

Mandla Ntuli: Kwaze kwanzima, ubumuhle u-18 weminyaka kulo mfokazi.

* Sizwe: Thina bantu siyodlala abaqashi kuyoze kube nini kanti ngempela? Impilo kabhuti imile manje ngalo mqashi, makajeze.

Helicopter-yeNdidane Vuh Phungula KwaWoza: Kodwa u-25 weminyaka ebhadla ejele ubunani nje kulo mqashi ngoba wabulala umuntu, nakuba uyaphila uphilela idlozi lakhe noNkulunku­lu, okuyibona abamvikela. Sikhuluma nje, kuphelile ngempilo yakhe njengoba bamkhipha nengalo nje.

Lezi zinkantolo zinozwelo nasezilwan­eni zabantu, uyini u-10 weminyaka kumbulali?

* Nqobile Thabani Zondi: Kwakubi ukuthi umuntu anqamuke ingalo kodwa obeyimbang­ela yalokho eyakhe ingalo iqhubeke ibekhona futhi ashaywe ngoswazi oluncane.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa