BAPHEFUMULA NGOLOMQASHI OTHENGELE ISISEBENZI INKABI
BAPHAWULILE abafundi bethu ngodaba lomqashi onguTrevor Wayne oshaywe ngoswazi oluncane lweminyaka ewu-10 ebhadla ejele ngokuthengela isisebenzi sakhe inkabi ukuba isibulale ngoba simmangalele:-
Musa Ndosi: Manje umqashi ushaywa kanjani ngoswazi oluncane umuntu elimele kanje?
Buzokwakhe eMelmoth: Kwaze Kwabuhlungu.
Thulani Skhakhane: Kabukho ubulungiswa uma kunje.
Nnattieyt Siyanda Phathumjovo Hlavule: Yaze yabuhlungu indaba, kusobala ukuthi umqashi yingoba enemali, yingakho eshaywe ngoluncane.
Veliswa Sondiya: Kayikho le nto, bekufanele abolele phakathi.
LaMkhatshwa KaSthuli Gasela: Kabukho ubulungiswa kule nto, omunye ulimele, umenzi wobubi ushaywa ngoswazi oluncane!
Sthubeni Sjekula: Wake wathwala kanzima nsizwa. Kungcono ngoba wasinda, ngiyakubongela. Lo do@#% manje ushaywa kanjani ngoswazi olu- ncane ngoba kumele ngabe usudilikelwe yijele?
Msent Khumza: Kuleli zwe uma ungenamali kawulutho nje. Carlos Carlo: Kayikho le nto. Siyabonga Gumede: Kunzima bafowethu emhlabeni.
Sizeni MaDlamini OkaMalandela Gasa: Kuyayiwa ezulwini, yinkabi yamanyala yini bantu!†Uswazi oluncane kodwa umuntu ecishe washona, waze walahlekelwa yingalo! Kuyadlalwa ngathi la.
Fana Chili: Uhulumeni wamasela, kugwaziwe nje lona olimele yisichaka.
Nkosikhona Buthelezi: Ngoba la eNingizimu Afrika uma unemali unakho konke. Buka umuntu ukhubazekile kodwa bathi umenzi wobubi ushaywe ngoswazi oluncane.
Robs Mfokazinja Ziyamkhonkotha Mthembu: Ushaywa kanjani ngoswazi oluncane umuntu enye ingane ingenangalo?
Andile Mbhele: Iminyaka ewu-10 nje kuphela (ejele) kumuntu owadubula lo baba, wamgwaza, wamukhipha amathumbu ngaphandle?
Mpho Fuzelihle Ngcobo: Kwaze kwanzima!
Nontokozo Masinga: Bekumele abolele ejele.
Mandla Ntuli: Kwaze kwanzima, ubumuhle u-18 weminyaka kulo mfokazi.
* Sizwe: Thina bantu siyodlala abaqashi kuyoze kube nini kanti ngempela? Impilo kabhuti imile manje ngalo mqashi, makajeze.
Helicopter-yeNdidane Vuh Phungula KwaWoza: Kodwa u-25 weminyaka ebhadla ejele ubunani nje kulo mqashi ngoba wabulala umuntu, nakuba uyaphila uphilela idlozi lakhe noNkulunkulu, okuyibona abamvikela. Sikhuluma nje, kuphelile ngempilo yakhe njengoba bamkhipha nengalo nje.
Lezi zinkantolo zinozwelo nasezilwaneni zabantu, uyini u-10 weminyaka kumbulali?
* Nqobile Thabani Zondi: Kwakubi ukuthi umuntu anqamuke ingalo kodwa obeyimbangela yalokho eyakhe ingalo iqhubeke ibekhona futhi ashaywe ngoswazi oluncane.