UMalema kuzomele aqoqe ulimi lwakhe
KAKUNGABAZEKI ukuthi umholi we-EFF, uMnu Julius Malema, unesiphiwo esibabazekayo, esingandile sokwenza abantu bamlalele futhi bamlandele. Yilesi siphiwo esamphumelelisa, wakwazi ukuhola inhlangano yentsha kaKhongolose, i-ANC Youth League, okwathi uma exoshwa kuleli qembu ngezizathu zokungaziphathi kahle, waziqalela umuzi wakhe, okuyi-EFF, okumanje inezihlalo ezingu-25 ephalamende.
UMnu Malema uzakhele ugazi ngisho nakulabo abangebona abalandeli bakhe ngokuba yiphela endlebeni kulowo owabe engumengameli wezwe, uMnu Jacob Zuma, ngokuqala umkhankaso ephalamende neziqubulo zokuthi uNxamalala akhokhe ingxenye yemali yombuso eyasetshenziswa ngokungemthetho ukwakha inxuluma lakhe eliseNkandla.
Ukuphela kombuso kaMsholozi, uMnu Malema abegiya ngethambo lakhe kule minyaka edlule, sekumfake enkingeni lo mholi we-EFF, ngoba manje sekudingeka athole omunye umuntu azokhankasa ngaye ngaphambi kokhetho lukazwelonke oluzokuba ngoNhlaba (May), ngonyaka ozayo.
Yingalesi sizathu esejikele uNgqongqoshe wezamaBhizinisi kahulumeni, uMnu Pravin Gordhan, amgxeka ngokuba yinxusa nokusebenzela izinkampani zabamhlophe kuhulumeni. Okuqaphelekayo ngazo zonke lezi zinsolo ngoMnu Gordhan ezishiwo yi-EFF, wukuthi kabukho ubufakazi obubambekayo leli qembu eselibunekele izwe, obuveza ubuqiniso bazo.
Kuyethusa futhi ukuthi uMnu Malema unomkhuba wokusebenzisa amazwi anenhlese yokubandlulula ngokobuhlanga uma egxeka labo abayizitha zakhe zepolitiki. Ujwayele ukubuka okwenzekayo ezweni ngeso lobuhlanga, okwenza kube nemibuzo mayelana nokuthi angakwazi yini ngelinye ilanga ukuba ngumengameli wezwe uma engumuntu othanda ukugovuza imimoya yabantu, abehlukanise phakathi ngokubabandlulula.
Inkulumo kaMnu Malema, ayethule kubalandeli bakhe abebebhikishela uMnu Gordhan ngaphandle kwebhilidi eParktown, eGoli, ngeledlule lapho bekuhleli khona ikhomishini eyenganyelwe yiJaji uRaymond Zondo, ephenya izinsolo zokuthunjwa kombuso ( state capture commission), iveze uhlangothi lukaMnu Malema, olukhombisa ukuthi ungumuntu ongaba yingozi emizameni yokwakha ubumbano nozinzo ezweni.
Le nkulumo ibinenhlese yokucwasa ngokobuhlanga, inokwesabisa nangodlame ezitheni zaleli qembu. Ibiwuhlobo lwenkulumo olujwayele ukuphehla impi yangaphakathi ezweni ( civil war), okuyisihlava esijwayelekile kuleli lizwekazi i-Afrika, lapho amanye amazwe, kubalwa omakhelwane bethu iMozambique, bake bagutshuzelwa yile nhlekelele.
Sinxusa uMnu Malema ukuba aqoqe ulimi lwakhe, acophelele uma ekhuluma nabantu ngoba izinkulumo zakhe ezingakhi ngelinye ilanga zingaba nomthelela wokudala umbhedukazwe ezweni, okuyisimo okufanele sigwenywe ngayo yonke indlela.