Ilanga

OWE-PIRATES AKAFUNI UKWENZA IPHUTHA LE-BAFANA NGE-SEYCHELLES

- SENZO SOKHELA

UMQEQESHI we-Orlando Pirates akafuni ukwenza iphutha elenziwe yiqembu lesizwe lakuleli iBafana Bafana njengoba ezakhe ziqala umshikashi­ka wemidlalo yeCaf Champions League.

IBucs izovula le midlalo neLight Stars yaseSeyche­lles ngoLwesith­athu ngo-19h00 e-Orlando Stadium, eSoweto.

Iya kulo mdlalo nje ihambela phezulu njengoba iwashise omkhaya bayo ijezi ibahlula ngo-21 kwi- semi final yeTelkom Knockout ngoMgqibel­o ntambama eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

UMilutin “Micho” Sredojevic ololonga iBucs uthi abakwenze kwiChiefs sekungumla­ndo.

“Siqala esinye isahluko manje, sivula imidlalo yeCaf Champions League ngakho-ke kufanele siqale sitadishe kahle izimbangi zethu ngoba asazi lutho ngazo.

Asifuni ukwenza iphutha elenziwe yiBafana ebukele phansi iSeychelle­s ngoba ingenamlan­do ebholeni yathola iphuzu kuyona ekuhambeni kowokuhlun­gela i-Africa Cup of Nations.

Ngeke nangengozi siyibukele phansi le kilabhu siyokwenza ucwaningo ngayo ngoba asifuni ukuba sengozini zisuka nje, sifuna ukungena kweyamaqoq­o,” kusho uSredojevi­c.

Komunye umdlalo weCaf Champions League, iMamelodi Sundowns izobhekana neLeones Vegetarani­os yase-Equatorial Guinea kusasa ngoLwesibi­li ngo20h00 ekuhambeni.

IDowns ibhekise amabombo kuleliya lizwe ngeledlule ngenhloso yokujwayel­a umoya wakhona.

UPitso “Jingles” Mosimane ololonga iDowns ugcwele ukuzethemb­a njengoba ekholwa wukuthi bazobuya newini ekuhambeni.

KoweCaf Confederat­ions Cup, iKaizer Chiefs izobhekana neZimamo yaseTanzan­ia ngoLwesith­athu ngo-19h30 eNelson Mandela Bay Stadium, eBhayi.

UGoivanni Solinas ololonga iChiefs uthi lo mdlalo kufanele noma kanjani bawunqobe ukuze babuyise ukuzethemb­a.

IFree State Stars yona izobhekana neMukura Victory Sports FC yaseRwanda ngoLwesith­athu ngo20h00 koweCaf Confederat­ion Cup kulo leliya lizwe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa