LISEKUDE UKUPHELA ISASASA NGE-SOWETO DERBY
CISHE kusazothatha iminyaka ngeminyaka ukuthi umdlalo womkhaya phakathi kweKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates uphelelwe yisasasa ngendlela abalandeli bala makilabhu abaweseka ngayo lo mdlalo uma la makilabhu ebhekene.
IBucs iguqise ngo-2-1 iKaizer Chiefs kwi- semi final yeTelkom Knockout ngoMgqibelo ntambama eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Lo mdlalo kubukeka usekude ukuphelelwa yisasasa ngendlela othandwa ngayo.
Ngesikhathi kumenyezelwa ukuthi amathikithi awo ayaqala ukudayiswa aphele esikhathini esingamahora amabili okuyizinkomba zokuthi usathandwa.
NgoMgqibelo ekuseni wosuku lawo umdlalo ubungafunga ukuthi iTheku yidolobha okuhlala kulona abalandeli beChiefs neBucs kuphela njengoba lapho obuhamba khona ubuhlangana nabantu abahlobe ngemibala yala makilabhu.
Ngilibhekisa edolobheni ngabo09h00 ekuseni ngifice inyakanyaka yekhonsathi kuTollgate waseMarianhill.
Bekupake lonke uhlobo lwetekisi, eqhamuka kuzona zonke izinkalo zeNingizimu Afrika.
Bekusho ingoma kudanswa, abanye bephuza utshwala phambi kwamaphoyisa omgwaqo abebona ukuthi abalandeli bagajwe yinjabulo angaba nankinga.
Ngisuke lapho ngalibhekisa edolobheni okuthe ngifika kwaSpar osekhoneni lomgwaqo uMa- AKHUZA ibuya ngemidlalo enzima ye-Absa Premiership ezokuba phakathi nesonto amakilabhu aKwaZulu-Natal abhabhabele emsileni welog.
AmaZulu FC neMaritzburg United, yibona ababambe ibhuleki kwilog, kanti uSuthu lusekugcineni ngamaphuzu angu-4 emidlalweni engu-10, iTeam of Choice isendaweni yesibili ukusuka emsileni ngamaphuzu angu-8 hatma Gandhi ngafica esinye isinyokotho sabalandeli bala makilabhu kusasho yona ingoma kudanswa.
Nokho ngifikelwe wukudumala ngibona umlandeli obegqoke ijezi leChiefs ethenga ithikithi ngoR500 kumlisa obebonakala ukuthi ngowokufika.
Ngendlela abelidinga ngayo uzisholo yena ukuthi uzokhokha uR500 uholile akanankinga yemali.
Ngibe sengizibuza ukuthi ngabe akulona yini elomkokotelo njengoba ubeselikhiphele imali engaka.
Sekubheke ehoreni lesi-11 ngibe sengilibangisa eSouth Beach. Ngifice lapho zibuya abalandeli bebhukuda kwazise belikhipha umkhovu etsheni.
Abanye bebezipholele ngaphansi kwezihlahla ubona ukuthi bavele banquma ukuba seholidini.
Ngibe sengibuyela endlini sengiyolungiselela ukuza emdlalweni.
Endleleni sengibheke khona bekuyisiminyaminya into ongayazi abantu bevele ngamawindi bejabule.
Ngingene enkundleni ngafica isiqala ukugcwala kusho ingoma.
Ngesikhathi somdlalo ububona nje ukuthi yinjabulo yodwa kubalandeli beshaya ingoma.
Cishe sibe sodwa isixhwanguxhwangu esihlulwe wukuziphatha enkundleni.
Kungena igoli leChiefs kunomlandeli wayo ohluleke wukuzibamba wangena enkundleni basheshe bamuxhakathisa abaqaphi bodweshu baphuma naye.
Nokho umdlalo ubukeke ube yimpumelelo yize abalandeli emidlalweni engu-9.
ITeam of Choice iqhathwe neChippa United kusasa ngoLwesibili ngo-19h30 eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu. Kuzomele izibambe ziqine iPMB United njengoba iChippa igcine ukungena ensimini ibambana neKaizer Chiefs ngo-0-0 eThekwini, ekubeni yona ibambane neHighlands Park ngo-2-2 kowok- beChiefs bebedinwe beqhuma.
Ngesikhathi abadlali bePirates bedansa nabalandeli babo abadlali beChiefs bavele baphuma kubonakala ukuthi badumele.
Abalandeli bayo bebesho lonke uhlobo lwenhlamba belubhekise kubadlali nakumqeqeshi uGiovanni Solinas.
Abanye bebelibeke ngesihloko elokuthi akaphindele kwelakubo abasamudingi kuleli.
AbeBucs lapho bekungavumi baphume enkundleni beqhosha beshaya ingoma enezinhlamvu ezithi “Mawubon’ iBhakabhaka obaleka Motaung” okuyizinhlamvu zengoma kaDj Webster izinhlamvu zakhona ezithi “Makungena thina obaleka”. ugcina weligi.
AmaZulu azodudulana neHighlands Park kusasa ngo-19h30 eMakhulong Stadium, eTembisa. USuthu kalukaze lunqobe selokhu iFifa iwundule amaphuzu angu-6 kulona. Le kilabhu ephekwa nguCavin Johnson, isadonsa kanzima ukuxaxama emsileni. USuthu lugcine ludlale ngokulingana kuba ngu-0-0 nePo- lokwane City. Imidlalo ye-Absa Premiership ibisathe gozololo njengoba kade kunemidlalo yamazwe, kanti ngempelasonto esiphuma kuyona bekunemidlalo yama- semi final eTelkom Knockout.
Isiyonke imidlalo ye-Absa Premiership ehlelelwe ukugijinywa phakathi nesonto iqhathwe kanje:- KUSASA NGOLWESIBILI EHarry Gwala Stadium: Maritzburg United vs Chippa United 19h30. EMakhulong Stadium: Highlands Park vs AmaZulu FC 19h30.
E-Old Peter Mokaba Stadium: Polokwane City vs Cape Town City FC 19h30. NGOLWESITHATHU EDr Molemela Stadium: Bloemfontein Celtic vs SuperSport United 19h30.