OWAMABHOKOBHOKO WENELISEKILE NGEQEMBU LAKHE

Ilanga - - Ezemidlalo - NHLANHLA HUDLA

WENELISEKILE ngenqubekela phambili yeqembu lesizwe lakuleli, AmaBhokobhoko, uSiya Kolisi ongukaputeni waleli qembu.

AmaBhokobhoko ehlulwe yiWales ngo-21-11 kowe-Castle Lager Outgoing Tour ngoMgqibelo kusihlwa ekuhambeni.

Elakuleli linqobe imidlalo emibili lahlulwa kwemibili kulolu chungechunge lwemidlalo yokuphela konyaka.

“Besazi ukuthi sizobhekana neqembu elinzima futhi elidlala kahle kwazise badlale imidlalo engu-8 bengahlulwa nokukhomba ngokusobala ukuthi bayiqembu elinzima.

"Kuningi okuhle esikuzuzile kule midlalo nesikufundile singabadlali yize sihluliwe kulo mdlalo,” kusho uKolisi.

UMDLALI weWales uLiam Williams ebeka i-try yokuqala leli qembu liguqisa AmaBhokobhoko ngo-21-11 eWales.

ISITHOMBE NGABE: TWITTER

UBONGUMUSA Mthembu oyingqwele yeComrades Marathon unqobe umjaho iSani Stagger Marathon obugijinywa ngempelasonto eSani Pass e-Underberg.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.