UWUQALE KAHLE UMSEBENZI UMQEQESHI OMUSHA WOMVOTI

Ilanga - - Ezemidlalo - MFANAFUTHI NDLOVU

UKABELO “KB” Sibiya uqale kahle emsebenzini wakhe omusha efaka uMvoti FC kwi- last 32 yeNedbank Cup ezakhe zihlula ngo-3-1 i-Orbit College kowokuhlungela ukungena kulo mqhudelwano ngoMgqibelo ntambama eDr Petrus Molemela, eBloemfontein.

Amagoli oMvoti FC eze ngonyawo lukaBonginkosi “Laffor” Nyembe amabili, uThobani Mthembu weza nelakhe.

USibiya akawuqedanga umdlalo ekhishwa ngekhadi elibomvu.

Isiyonke imiphumela yemidlalo yeSafa KZN ABC Motsepe ihambe kanje:- Natal 1, Pmb City 2; Durban FC 2, Ashley 1; Dabeka 0, Juventus 0; Experience 0, Wanderers 0; Dynamos 2, KwaDukuza 1.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.