ANGASE ABHEKANE NOBUNZIMA UMLAWULI WE-KZNA

Ilanga - - Ezemidlalo - MZWAMANDLA ZONDI

ANGASE athwale kanzima umlawuli we-Athletics South Africa (ASA) okulindeleke ukuba aqale namuhla ngoMsombuluko ehhovisi leKwaZulu-Natal Athletics (KZNA).

I-ASA ifake umlawuli ozimele kwiKZNA ngemuva kokuba imise yonke ibhodi yeKZNA ngeledlule. IKZNA isolwa ngokudelela nokubukela phansi i-ASA. Yize kunjalo iKZNA ithi ukumiswa kwebhodi layo kakukho emthethweni. I-ASA ithi ngeke ikwazi ukudalula igama lo mlawuli kuze kube yinamuhla ngoMsombuluko. Ibe isicela amakilabhu nabasubathi ukuba basebenzisane naye kuze kuphothulwe uphenyo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.