UKHUNE USHIYE ANGALAZI KOZAKWABO BEDLIWA

Ilanga - - Ezemidlalo - SENZO SOKHELA

USHIYE angalazi kozakwabo umdlali weKaizer Chiefs ongaconsi phansi kubalandeli bale kilabhu.

IChiefs iguqiswe ngo-2-1 yiOrlando Pirates kwi- semi final yeTelkom Knockout ngoMgqibelo ntambama eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Bese kungokwesibili iChiefs ishaywa yiPirates ngamagoli afanayo esikhathi ezingamasonto ambalwa

U-Itumeleng Khune ongukaputeni weChiefs obedinwe eqhuma emuva komdlalo usole abanye ozakwabo ngokungazinikeli ngokuphelele akholwa wukuthi yikho okwenza iPirates ibaphendule inhlekisa.

“Inhliziyo yami ibuhlungu ngale nto eyenzekile, sihlukumeze abalandeli bethu abawa bevuka nathi ngale nto eyenzekile.

"Asikwazi ukuthi singahlulwa yiPirates kanjena, yisimo esingamukelekile lesi.

"Indlela esimake ngayo emuva ingidinile, senza amaphutha abafana besikole.

"UShonga uzame ukushaya uqethu wahluleka, uphinde uyavuka ushaya igoli ephakathi kwabantu abathathu, uyichaza uyithini into enjalo?” kubuza uKhune obebonakala ukuthi udinwe uyaqhuma yisenzo sozakwabo.

Uthi kuzofanele bazinuke amakhwapha benozakwabo bazibuze ukuthi kubafanele yini ukudlalela iChiefs.

“Kuzofanele sibuke lo mdlalo bese sizibuza ukuthi kusifanele yini ukugqoka ibheji lale kilabhu.

"Nami ngokunjalo kufanele ngenze njalo ngoba asikwazi ukwehlulwa yiPirates kanjena yisimo esingamukelekile lesi.

"Kuzofanele sizihlolisile kahle sonke uma sibona ukuthi akusifanele ukuba kule kilabhu sitshele uBobby (Motaung) ukuthi liyasisinda leli jezi.

"Into ebuhlungu wukuthi abanye bethu uyabona ukuthi bazama ngakho konke okusemandleni ukulwela ikilabhu kodwa abanye abazinikele nhlobo.

"Le nto ikushiya nemibuzo yokuthi ngabe bakufanele yini ukudlalela ikilabhu enkulu njengeChiefs,” kuphetha uKhune.

ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA

UBEBHUQUZA kanje unozinti weKaizer Chiefs, u-Itumeleng Khune ezakhe zinenebulwa yi-Orlando Pirates ngo-2-1 koweTelkom Knockout ngoMgqibelo eMoses Mabhida Stadium.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.