ABAFUNDI BADAKWE BAKLINYA U-PRINCIPAL
Ubebalande ejoyintini ngesikhathi sesikole
KUSABATSHAZWA ihlazo lamantombazane afunda eTshutshutshu Secondary School, eVuma, KwaMaphumulo, okuthiwa acasulwe wukulandwa nguthishanhloko esejoyintini ngesikhathi sesikole okwenze ambhozomela amklinya ngothayi, wasindiswa ngabafundi besilisa kukubi.
Kubikwa ukuthi simuncu isimo kulesi sikole emuva kwalesi sigameko enzeke ngeledlule. Kuthiwa laba bafundi abangamantombazane, baklinye uthishanhloko wakulesi sikole obefuna ukubagodukisa ngoba bebanjwe besejoyintini bezitika ngotshwala ngesikhathi sokufunda.
Ngokuthola kweLANGA, laba bafundi bebehlezi ejoyintini ngesikhathi sesikole kanti kukhona ozobabona wabe esebikela uthishanhloko, ILANGA elinalo igama lakhe, onikele khona eyobalanda.
Umthombo weLANGA uthi laba bafundi bavele bawuhlupho esikoleni kanti ngesikhathi beficwa, bese bevele sebemanzi te.
Umthombo uthi kukhona nezinye izinsolo zokuthi lezi zingane zinedimoni njengoba bezikhuluma into engaqondakali zifuna negazi.
“Lezi zingane bezihleli kwesinye isitolo lapha endaweni ziphu za utshwala ngesikhathi sesikole. Ngiyasola kukhona ozibonile wabe esetshela uthishomkhulu esikoleni. Uphume waya kulesi sitolo nebala wazibamba ziphuza. Uzithathile waphindela nazo esikoleni, okuthe esefikile khona, kwabonakala ukuthi indlela ebezidakwe ngayo ngeke zikwazi ukuqhubeka nokufunda.
“Uthishanhloko ube esezithatha ngemoto yakhe ngenhloso yokuzigodukisa. Kuthe sezisemotweni naye uthishanhloko, zambhudubeza, zamklinya ngothayi wazo. Uzamile ukumemeza kwaze kwaqhamuka abanye abafana, okuyilapho ziphume khona emotweni zabaleka. Bazijahile, bazibamba.
“Okufike kwaxaka wukuthi into ebeziyikhuluma beyingezwakali, bekungathi zingenwe yidimoni ngoba bezikhuluma nokuthi zomele igazi. Kasazi ukuthi lokhu bezikukhulunyiswa yizinkamba noma yingoba bezingenwa wukugula,” kusho umthombo.
Uveze ukuthi emuva kwalesi sigameko, isigungu esilawula isikole sibe nomhlangano kubhungwa ngalolu daba.
ILANGA lithinte uMnu Dladla ongusihlalo wesigungu esilawula isikole, ovumile ukuthi ikhona into enjengalena eyenzekile. Nokho ucele ukubuye ashayelwe, esafuna ukuxoxisana namanye amalungu esigungu.
Esethintwa okwesibili, uthe bebonke namanye amalungu, bavumelane ngokuthi bangakhulumi ngalesi sigameko kwabezindaba, kwazise lolu daba seludluliselwe kubaphathi besikole.
“Ngeke ngisakwazi ukukhuluma ngalolu daba ngoba uthishomkhulu useludlulisele phambili. Sivumelene siyisigungu ukuba singaphawuli,” kusho yena.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mahlambi, uthe usethumelele umhloli wakulesi sikole ukuba alulandele lolu daba. Uthe nakanjani abafundi bazothathelwa izinyathelo ezinqala uma kutholakala ukuthi bakwenzile lokhu.