Ilanga

UMICHO UDALULA OKUHLULISE I-CHIEFS

Uthi bebevele bazi ukuthi bazowunqob­a umdlalo weziMpofan­a

- SENZO SOKHELA

UMQEQESHI we-Orlando Pirates uveza ubuthaka beKaizer Chiefs akholwa wukuthi yibona obenze bayiqumba phansi.

IBucs iguqise ngo-2-1 omkhaya bayo iKaizer Chiefs kwi- semi final yeTelkom Knockout ngoMgqibel­o ntambama eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Amagoli eBucs abekwe enethini nguThembin­kosi Lorch noJustin Shonga, eleChiefs lashaywa nguLeonard­o Castro.

UMilutin “Micho” Sredojevic ( osesithomb­eni) ololonga iBucs uthi baye kulo mdlalo bazi ukuthi bazowunqob­a.

“Ngesikhath­i kumenyezel­wa ukuthi sizobhekan­a neChiefs, sivele sajabula ngoba besazi ukuthi sizodlula saqala ngaleso sikhathi sayihlelel­a.

Inkinga yayo enkulu wudonga lwasemuva aluxhumani ngendlela lunjalo nje alusheshi.

Sisebenzis­e ijubane ukuludabul­a ngoba besazi ukuthi yilapho bebuthaka khona.

Bekusifane­le ukudlula kulo mdlalo besiwuthwe­le negoli aba- litholile balinikwe yithina asizange sixhumane kahle emuva.

Ngizothand­a ukubonga ithimba labaqeqesh­i, abadlali nabalandel­i bethu ababe wusizo olukhulu kithina kulo mdlalo ngaphandle kwabo besingeke sibe yilutho,” kusho uSredojevi­c.

Ebuzwa ukuthi kungani engamudlal­isanga uBen Motshwari oyinjini esiswini uthe:

“UMotshwari ulimale sigijima owesihle neTTM ngeledlule.

Besilokhu sihlalele ethembeni ngebhadi odokotela bathi akakulunge­le ukudlala.

Ngikholwa wukuthi uMusa Nyatama uwenze kahle umsebenzi.

Kufanele sibahlonip­he abadlali esinabo ngoba bonke balana ngoba kubafanele,” kusho uSredojevi­c.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa