IZINKUMBI KUKHULEKELWA UZINZO ENINGIZIMU AFRIKA

Ilanga - - Izindaba - INTATHELI YELANGA [email protected]

IZINKUMBI zabazalwane eziphuma emabandleni ahlukene angaphezulu kuka-30 zigcwalise phama iFNB Stadium, eGoli, izolo ngeSonto njengoba bekuwusuku lokukhulekela iNingizimu Afrika nezakhamizi zakuleli.

“Isimo esiphila ngaphansi kwaso sikhombisa ngokusobala ukuthi izinto kazilawuleki kuleli lizwe. Abesifazane nezingane babulawa nsuku zonke. Izakhamizi ziyafa zibulawa yizidakamizwa kanti osopolitiki bona bagcwele inkohlakalo,” kusho u-Itumeleng Moselane webandla iMethodist.

Lo mthandazo obuhlelwe yiMotsepe Foundation, ubuhanjelwe yizinkumbi ezingaphezulu kuka-100 000. Lo mkhuleko yiwona obe yisizathu sokuthuthwa komdlalo omkhulukazi we-Telkom Knockout, obuphakathi kwe-Orlando Pirates neKaizer Chiefs njengoba ugcine udlalelwa eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Amalungu amabandla ehlukeneabedlubhe izevatho zamahlelo awo. Izihlwele bezibonakala ziphuma ezifundazweni ezahlukene kubalwa iLimpopo, iMpumalanga, iFree State neNorth West njengoba izimoto zazo bezipakwe ngaphandle kwale nkundla.

Ngokwe- website yeMotsepe Foundation, inhloso yalo mkhuleko, wukukhulekela ukuhlangana kwezakhamizi zaseNingizimu Afrika, ukuphela kobubha, yinkohlakalo, wubugebengu nokubulawa kwabesifazane nezingane.

Kukhulekelwe nentsha engasebenzi, wukuvuleleka kwamathuba emisebenzi, nezemfundo ezisezingeni elamukelekile. Njengoba ngonyaka ozayo kuzokuba nokhetho kuleli, kuphinde kwakhulekelwa ukuthula nekusasa eliqhakazile kuzona zonke izakhamuzi zaseNingizimu Afrika.

UMengameli wezwe uMnu Cyril Ramaphosa, ubengomunye wabebehambele lo mkhuleko.

IGCWALE phama i-FNB Stadium abazalwane bamabandla ahlukene behambele umkhuleko obewuhlelwe yiMotsepe Foundation izolo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.