UDUMELE UMFUNDISI NGOKUCHITHEKA KWEGAZI ESONTWENI

Ilanga - - Izindaba -

UMFUNDISI webandla iDamaseku White Church of Apostolic in Zion elisesigcemeni sakwa-A eMlazi, uThembinkosi Mncube, uzwakalise ukuphoxeka ngokungcoliswa ngegazi lomuntu kwendawo abakhonzela kuyona.

UMfundisi uMncube ubekhuluma neLANGA izolo ekuseni emuva kokuba kutholakale isidumbu sikaNkz Babalwa Nyawose (15) sididilizile, sinamanxeba amathathu okugwazwa, emjondolo obekuqashe kuwona isoka lakhe, osemagcekeni aleli bandla.

UMfundisi uMncube uthe ubengekho ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko. Uthi le nto eyenziwe wumsolwa ingcolise amagceke ebandla lakhe.

“Lo mfana ngamtshela kahle ngesikhathi efika ezocela indawo yokuhlala ukuthi kangiyifuni into engalungile egcekeni lakwami ngenxa yokuthi kunebandla lapha. Sithandazela kuyona le ndawo. Ngiphoxeke kakhulu ngale nto eyenzekile,” kusho kanje uMnu Mncube.

Nakuba ILANGA lihambe kule ndawo inkonzo yosuku ingakaqali, kodwa uMfundisi uMncube uthe izoqhubeka.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.