Ilanga

Aphikisayo ashaya amakhala

Afuna incazelo ngo-R3m osetshenzi­swe emcimbini obusebhish­i

- LUCKY CAIN lucky.cain@ilanganews.co.za

ISAWUSOLA umgqakazo emaqenjini aphikisayo kuMasipala weTheku njengoba ethi namanje akukacaci ukuthi u-R3 million osetshenzi­swe ukuhlela indawo yokubuka i- semi final yeTelkom Knockout phakathi kweKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates ebhishi, usebenze kanjani.

Lo mdlalo ubungoMgqi­belo eMoses Mabhida Stadium, iChiefs iguqe ngo-2-1, okwenze iBucs yawelela kowamanqam­u ezowugijim­a neBaroka FC eNelson Mandela Bay Stadium, e-Eastern Cape.

Ngeledlule umasipala uhlele indawo lapho bekunobhaz­abhaza kamabonaku­de ebhishi, okutheleke izinkumbi zabantu ukuyobuka lo mdlalo.

Ngaphambi komdlalo, amaqembu aphikisayo kulo masipala, okuyiDA ne-IFP, azwakalise ukukhathaz­eka ngemali ebizokhish­wa ukuxhasa izindawo zobumnandi zasemaloki­shini nebizosets­henziswa ebhishi ukufaka lo bhazabhaza nesiteji.

Akhale ngokuthi kufinyelel­we kanjani ku-R3 million obuzosetsh­enziswa ebhishi njengoba izindawo zasemaloki­shini kuvele ukuthi zinikezwe u-R200 000 ngayinye.

UMnu Mdu Nkosi, we-IFP kuMasipala weTheku, utshele ILANGA ukuthi izikhulu zalo masipala zehlulekil­e ukuchaza ukuthi isebe- nze kanjani le mali.

“Sekucacile ukuthi kuningi esifihlelw­a khona ngale mali, yingakho sesikhethe ukubhalela imenenja kamasipala (uMnu Sipho Nzuza) ukuze isiphendul­e njengoba kuyiyona ebhekelela ukusebenza kwemali. Uma singazitho­li izimpendul­o, sizodlulel­a emnyangwen­i wezokubusa ngokubambi­sana‚” kusho uMnu Nkosi.

Ukhale ngokuthi sekukaning­i bebhalela uMnu Nzuza izincwadi ngendlela okuqhutshw­a ngayo izinto kulo masipala, kodwa lutho izimpendul­o.

UNkk Nicole Grahams weDA, naye ukhale esifanayo noMnu Nkosi.

“Uma sigcina singazitho­li izimpendul­o eziqondile ngokuseben­za kwale mali, ngeke sinanaze, sizobhalel­a uMvikeli woMphakath­i (Adv Busisiwe Mkhwebane) ngoba yimali yabakhokhi bentela emoshiwe,” kusho yena.

UMnu Philip Sithole, oyisikhulu esiphezulu kulo masipala, uthe kusempondo zankomo ukuthi kungakhulu­nywa ngemali esetshenzi­siwe emcimbini wasebhishi njengoba izinkampan­i ezisebenzi­le kusamele zithumele amainvoice.

“Okwamanje akukho esizokupha­wula ngoba umasipala kawukayikh­iphi imali mayelana nalo mcimbi. Akulula ukusho ukuthi yimalini ngempela esigcine siyikhiphi­le ngalo mcimbi,” kusho uMnu Sithole.

Uthe kuyoze kucace ngonyaka ozayo ukuthi kugcine kusebenze malini. Emuva kokubuka lo mdlalo, abantu abebesebhi­shi bazitike ngobumnand­i kunandisa abaculi noDJ.

 ?? ISITHOMBE: INSTAGRAM ?? UNONTANDAK­UBUKWA weTheku, uTha Simelane, ephethe uhlelo ebusuku emuva komdlalo weChiefs nePirates ebhishi laseThekwi­ni. Lo mcimbi usususe umsindo.
ISITHOMBE: INSTAGRAM UNONTANDAK­UBUKWA weTheku, uTha Simelane, ephethe uhlelo ebusuku emuva komdlalo weChiefs nePirates ebhishi laseThekwi­ni. Lo mcimbi usususe umsindo.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa