Ilanga

KUZODINGID­WA OLOKUJEZIS­A IZINGANE EMAKHAYA

- INTATHELI YELANGA

KUZODINGID­WA udaba lokujezisw­a kwezingane ngoswazi namuhla ngoLwesine, eNkantolo yoMthethos­isekelo.

Le nkantolo yakwenqabe­la ukujeziswa kwezingane ngoswazi phansi kwezimo zokuvalelw­a ngo-1995 nasezikole­ni ngo-2000; kulolu daba kuzodingid­wa ngokunqabe­la ukujezisa (umntwana) ekhaya.

Okwamanje umthetho wemvelo ovikela “ukujezisa ngenhloso yokwakha‚" uvumela abazali ukuba bashaye abantwana babo ngephuzu lokuthi ukujezisa ngoswazi kuyindlela yokufaka inhlonipho.

Isitatimen­de seGender Justice esikhiphe izolo ngoLwesith­athu, sithi: “Umbuzo osezithebe­ni zeNkantolo yoMthethos­isekelo ngothi ngabe lokhu kusamele yini kuvunyelwe ukuba kuqhubeke noma kumele nakho kuvalwe ngoba kunyathela amalungelo ezingane."

Udaba lumayelana necala elidlulisi­we ngesinqumo esenziwe ngoMfumfu (October) 2017 yiNkantolo eNkulu yaseSouth Gauteng, esichitha ukuvikela iphuzu lokujezisa ngenhloso yokwakha.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa