KUKHUTHAZWE UXOLO KOWENGOMA
UGQUGQUZELE ubumbano noxolo ngesikhathi samaholide kaKhisimusi uNgqongqoshe wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko KwaZuluNatal, uNkk Bongi Sithole-Moloi, ngesikhathi ekhuluma nezinkulungwane zabantu eGoli ngeSonto, emcimbini owandulela ingoma yaminyaka yonke, eba seMachunwini, eMsinga.
UNkk Sithole-Moloi ubevakashele eHostela iJeppe ukuyoxoxa nabathandi bengoma, ikakhulukazi abadabuka KwaZulu-Natal nabajwayele ukuhambela ingoma yaseMsinga.
Kujwayelekile ukuba njalo ngalesi sikhathi sonyaka izimpi eziqale emahositela, zifudukele ezindaweni ezisemakhaya, kanti ingoma isetshenziselwa ukubumba izinsizwa ezihlala kula mahostela emadolobheni. Imvamisa kufa abantu kulezi zimpi.
UNkk Sithole-Moloi uthi ingoma inika abaculi nabasini bayo izigcawu zokuziveza, bathole amathuba emisebenzi - baxoshe ikati eziko - okuyinto ehambisanayo nomnyango wakhe.
“Amafestivali engoma ayinqola ehambisana nombono kahulume- ni wesifundazwe wokukhulisa nokuthuthukisa umnotho ngokufukamela imboni yezobuciko, kubhekelelwe nezinto ezithinta amasiko nokubuyisana emphakathini.
“Kusetshenziswa wona futhi ukuxazulula izingxabano nezimpi emiphakathini yethu,” kusho uNkk Sithole-Moloi.
Sekuyiminyakanyaka yenzeka le ndlamu kanti eyanonyaka izoba mhla ka-28 kuZibandlela (December) eMshafuthi, eMbangweni, khona eMsinga