Ilanga

KWEHLUKENE IMIBONO NGOKUBOSHW­A KWESANGOMA ESITHOLAKA­LE NEZICUBU

- SKHOSIPHI MTHEMBU

LUVUSE ingebhe kwamanye amalungu omphakathi­ni waseMaqong­qo, KwaMaphumu­lo, lwadala ukwahlukan­a kwemibono udaba lokuboshwa kwesangoma sendawo okuthiwa kutholakal­e izicubu zomuntu nesibhamu esingekho emthethwen­i emzini waso ngeSonto.

Simuncu isimo emphakathi­ni wakule ndawo njengoba kuthiwa uMnu Cebo Mkhize (32), uyaziwa ngomsebenz­i wakhe oseqophelw­eni eliphezulu wokwelapha, kanti amanye amalungu omphakathi asola umkhuba. UMnu Mkhize uboshwe noNkz Nondumiso Dlamini (27).

Le ndaba abantu baphuza ngayo amatiye, idume cishe iKwaMaphum­ulo yonke njengoba bebekhulum­a ngayo ngisho edolobheni lakhona.

Ngokuthola kweLANGA, amaphoyisa agasele esigodlwen­i sikaMnu Mkhize ngeSonto ekuseni, akucaci ukuthi ancinzwe ngubani indlebe. Amalungu omphakathi akhulume neLANGA, athi asola ukuthi kukhona otshale lezi zinto esigodlwen­i sikaMnu Mkhize wabe esethinta amaphoyisa.

Athi akusho lokhu ngoba ngosuku aboshwe ngalo, ufike umuzi wakhe ugqekeziwe, kwazise ubengekho eyokhipha ithwasa komunye umuzi, khona endaweni. Elinye ilungu lomphakath­i elikhulume neLANGA edolobheni lithe: “Ngizwile ngaleyo nyanga eboshwe nezicubu zabantu. Yize ngingayazi, kodwa idumile ngoba kuthiwa iyawazi umuthi, kanti abaningi bebehamba kuyona.”

UMnu Joseph Ngiba oyinduna kule ndawo, uthe yize kungekho umuntu oke waya kuyena eyombikela ngalolu daba, kodwa uwazwile amahemuhem­u ngokutholw­a kwezicubu.

“Lo mfana ngiyamazi, kodwa lolu daba kangizange ngilubike ngisho emkhandlwi­ni (wenkosi) ngoba akekho umuntu oke weza kimina ezongichaz­ela ukuthi bekwenzenj­ani. Nami ngisezwa ngabantu nje bekhuluma ngalo,” kusho uMnu Ngiba.

UMnu Mthokozisi Dlamini, oyilungu lekomidi lewadi kule ndawo, uthe ngokuzwa kwabo, umsolwa ubengekho ngoMgqibel­o ebusuku eyokhipha ithwasa ngakhona endaweni.

“Sizwe kuthiwa ubuye ekuseni sekugqekez­iwe, waya emaphoyise­ni eyowabikel­a ngoba bekunezint­o zakhe ezithathiw­e. Uthe nje ebuya, abe engena amaphoyisa, abheka, athola lokho okunezinso­lo zokuthi kukhona okubekile,” kusho yena. Uthi yize ithusa le ndaba, kodwa umphakathi kawukholwa ukuthi ngezakhe ngoba umsolwa uyaziwa endaweni futhi akukho okubi adume ngakho.

“Kusethusil­e lokhu ngoba ungumuntu osemusha futhi ongazihlan­ganisi nento engalungil­e, uzenzela umsebezi wakhe wamakhambi,” kusho uMnu Dlamini.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uCapt Nqobile Gwala, uthe kuboshwe abasolwa ababili okungowesi­lisa nowesifaza­ne, babhekene necala lokutholak­ala nezicubu zomuntu nesibhamu esingekho emthethwen­i. Uthe bavelile eNkantolo yeMantshi yaKwaMaphu­mulo ngoMsombul­uko. Bazophinde bavele kule nkantolo ngoMsombul­uko ozayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa