Ilanga

Kuboshwe inkosikazi

Indoda yabulawa ingena emzini wayo

- NOMFUNDO NGWANE nomfundo@ilanganews.co.za

UKHALELWE ngamasongo kaSigonyel­a nomzala wakhe owesifazan­e waseNgwele­zane, eMpangeni, ngezinsolo zokubulala umyeni wakhe.

UNkk Zibuyile Mkhize (39) uboshwe nomzala wakhe, uMnu Lindokuhle Khumalo (35), ngokufa kukaMnu Senzo Mkhize (51), odutshulwe wabulawa ngoNcwaba (August) engena egaraji lakwakhe.

Kuthiwa ngosuku uMnu Mkhize abulawe ngalo uMnu Khumalo ubekhona egcekeni, evakashele umzala wakhe.

Ngokuthola kweLANGA ngo- mthombo walo, kusolwa ukuthi uMnu Khumalo usize uNkk Mkhize ngokumthol­ela inkabi ezomenzela umsebenzi.

Uthi umufi ufike kwakhe ephuma emsebenzin­i, wangena ngemoto yakhe egaraji, kanti umbulali usevele umlinde ngaphakath­i egaraji.

Kuthiwa kwaba wukwehla nje emotweni, umsolwa wamdubula qede washaya wachitha ngemoto yakhe (umsolwa), wangathath­a lutho kuyena.

Imoto kamsolwa itholakale ngemuva kosuku ipakwe emgwaqweni, kungekho muntu phakathi futhi ingacwiyiw­e.

Umthombo uthi uMnu Mkhize ubulawa nje, isimo besivele si- ngesihle phakathi kwakhe nomkakhe.

“Bebehlala endlini eyodwa isimo simuncu, bengakhulu­misani. Kuthiwa ukungezwan­i kwabo kuhlobene nezinkinga zemali. Bese kunesikhat­hi eside umshado wabo ungahambi kahle,” kusho umthombo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, ukuqinisek­isile ukuboshwa kukaNkk Mkhize noMnu Khumalo kanti bavelile eNkantolo yeMantshi yaseMpange­ni, ngoMsombul­uko, ngecala lokubulala.

Uthi baphinde bavela izolo ngoLwesith­athu ukuyofaka isicelo sebheyili, icala labo lahlehla.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa