IBHEKENE NENGWADLA IMBONI KASHUKELA
IBHEKENE nengwadla kashukela ovela kwamanye amazwe inhlangano ebhekelele ukukhiqizwa kwalesi sithako, eNingizimu Afrika, iSouth African Sugar Association (Sasa) osekuholele ekulahlekeni kwenzuzo nemisebenzi kwabakuleli.
Lokhu kuvele izolo ngoLwesithathu esigcawini sabezindaba ebesisemahhovisi ale nhlangano, eMount Edgecombe, eThekwini.
Le mboni kuleli ixakwe wushukela othunyelwa yizimakethe zakwamanye amazwe nje, isazama ukuvuka njengoba ezolimo zike zakhahlanyezwa yisomiso. Kunezindawo eziwu-14 ezikhiqiza ushukela eNingizimu Afrika, eziwu-12 zazo, ziKwaZuluNatal, kanti ezimbili ziseMpumalanga.
Ngenxa yokubona umonakalo ngenxa yokuvalwa kwalezi zindawo, abantu belahlekelwa yimisebenzi, mhla ka-26 kuNhlangulana (June), iSasa ihlele ukhukhulelangoqo wemashi ebibheke emahhovisini omnyango wezohwebo.
Kule mashi bekukhona noMnu Senzo Mchunu we-ANC.
Isikhulu esiphezulu kwaSasa, uMnu Trix Trikam, sivumile ukuthi ukhona umehluko omncane abawubonile emuva kwale mashi.
“Yize zisekhona izinkinga esibhekene nazo, sisazama ukuxoxa nezinhlaka ezahlukene ukulungisa isimo. Izimboni zethu zisemakhaya, okuyilapho kusizakala khona abantu abaningi ngamathuba emisebenzi,” kusho uMnu Trikam.
Isekela-sihlalo kwaSasa, uNkk uLindiwe Hlubi, lithe abantu abakhahlamezeka kakhulu kulesi simo, ngabazitshalela ngokwabo eziqeshaneni zomhlaba ngasemizini yabo.
“Imihlaba abalima kuyona ingaphansi kwehektha, mincane kakhulu. Uma sekumele bahambise ezimakethe, bagcina bengasali nalutho uma sekumele baqale batshalele isivuno esilandelayo.
“Inkinga wukuthi basezindaweni zasemakhaya, kabakwazi ukukhuluma bazwakale ngezikhalo abanazo,” kusho uNkk Hlubi.
Ushukela omningi uthunyelwa yiBrazil ne-United Arab Emirates. Isibalo samathani awo sikhuphukile ngo-2017-18 sayoshaya ku-500 000 tons. Ngenxa yalokhu, abatshali bomoba bakuleli balahlekelwe yimali engu-R2,5 billion.