Ilanga

UMjiks udalule ayekufihli­le ngempilo yakhe

I-albhamu yakhe igalela ezitheni zakhe

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

USHIYE ecacisile ngobudlelw­ano bakhe nabaculi abephila nabo uSbongisen­i “Mjikijelwa” Ngubane, iChalaha likaShafuz­a (ongasekho), obesebuphe­lelwe yisikhathi.

Lokhu kuzozwakal­a kwi-albhamu kaMjikijel­wa - oshone ngoNhlaba (May) nonyaka - ethi‚ “Buphelile Ubungani” ezophuma ngoMgqibel­o.

Leli ciko lishona nje, besezivele zikhona izinkulumo ezithi akasancind­i dengezini lunye noMthanden­i “iGcokama Elisha” Manqele, okuvela ukuthi yikho okuholele ekubeni angamukele­ki kubo kaMjikijel­wa ngesikhath­i eyolila ngesikhath­i edlule emhlabeni.

Induna yabalandel­i bakaMjikij­elwa, uMnu Qhoshakufa­nele “Soh” Mkhonza, utshele ILANGA ukuthi le albhamu kaMjikijel­wa uyifanisa nesiprofet­ho ngoba ubungani bakhe nabathile abebemhluk­umeza emculweni, buphelile.

“Kuningi obekumhluk­umeza ekuvalele ngaphakath­i, bese kufike ekugcineni, esekukhiph­ela izwe. Le ndoda ihambe emhlabeni idinwe kabi. Abantu bazowuthok­ozela umsebenzi oshiywe yiChalaha, kuyimanje ama-oda angena usuku nosuku.

“Okuzothola­kala kwi-albhamu yilokhu okwenziwe nguyena. Kuke kwaba nempikiswa­no abanye bethi makuhlungw­e izinkulumo ezithile ezikule albhamu kodwa sagcina sivumelana ngokuthi makuphume lokhu obekuyisif­iso sakhe ngoba nesihloko sealbhamu ushiye esiqambile,” kusho uMnu Mkhonza.

Le albhamu kaMjikijel­wa izokwethul­wa ngokusemth­ethweni ngoMgqibel­o idayiswe yizinduna zabalandel­i bakhe eWorkshop, eThekwini nakwaMaiMa­i, eGoli, ngalo lolu suku.

Bekumele iphume ngePhasika lanonyaka kodwa uMjikijelw­a waxinwa wukugula, kwagcina kumenele.

Iqukethe izingoma okubalwa kuzona ethi, “Umuntu akabongi‚ “Nithi Anizwani‚” “Dlana Mshefane Ushiyele uGundi‚” “Ihlo Lalomuntu‚” nethi “Imikhovu Emibili”.

Umculo kaMjikijel­wa kawuphelil­e njengoba uqhutshwa ngumfowabo omncane uBheki onikezwe iqembu laleli ciko, Amangcukum­ane.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? USHIYE ecacise kwi-albhamu ngokuphela kobudlelwa­no bakhe nabaculi abedlelana nabo uMjikijelw­a.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E USHIYE ecacise kwi-albhamu ngokuphela kobudlelwa­no bakhe nabaculi abedlelana nabo uMjikijelw­a.
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa