Ilanga

Kumiswe uthishanhl­oko 'ngokwehlul­wa wukuphatha' isikole

Abafundi baba wuvanzi ngesikhath­i sokufunda

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

KUNOVALO ngomlando omuhle weVelangay­e High School, yaseNkandl­a, eyaziwayo ngemiphume­la emihle kumatikule­tsheni njengoba kubikwa izinkinga eziholele ekubeni kumiswe uthishanhl­oko wakhona.

Kubikwa ukuthi uthishanhl­oko umisiwe mayelana nezinsolo zokwehlule­ka wukuphatha isikole, okuvela ukuthi kasisalawu­leki emuva kokunikwa sona eminyakeni emithathu edlule ngesikhath­i kuhamba uDkt Ngogi Mahaye obesipheth­e.

Kubikwa ukuthi kunamariph­othi ezingane obekuthola­kala ukuthi anemiphume­la okungeyona, uthishanhl­oko ahlulekile wukuphendu­la ngayo kubahloli.

Kubikwa ukuthi ngaso sonke isikhathi uma kade kufika izikhulu zomnyango wezemfundo zifuna umsebenzi, beziwuthol­a ungekho esimeni esilindele­kile.

“Kwakuyisik­ole esiphathek­ayo eminyakeni edlule, selokhu kuhambe obephethe njengothis­hanhloko phambilini, kunoshints­ho olukhulu.

"Abahloli bammisile ngoba bebona ukuthi isikole silengela eweni,” kusho umthombo.

Omunye umthombo ongaphakat­hi, uthe awekho amacala abucayi kodwa kubhekwe izizathu ezincane azokhishwa ngazo uthishanhl­oko.

"Isikole singaphezu kwamandla akhe, izingane ziyamehlul­a, zigcwala idolobha ngesikhath­i sokufunda,” kusho umthombo.

Ilungu lesigungu esilawula isikole, uMnu Mthokozi Biyela, litshele leli phephandab­a ukuthi banethemba lokuthi abafundi bazophasa nakuba uthishanhl­oko engekho esikoleni.

“Ngeke ngikhulume ngezindaba zesikole ngoba sinezinhlo­so ezinhle ngaso, kasikwazi ukusihlamb­alaza, kodwa sikwamukel­ile esitshelwe khona wumnyango wezemfundo,” kusho uMnu Biyela.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Kwazi Mthethwa, uthe kuyiqiniso ukuthi uthishanhl­oko bammisile ngoba uyaphenywa ngamacala abhekene nawo.

"Umbiko ophelele sizowudede­la uma sekuphothu­lwe uphenyo. Siyakuqini­sekisa ukuthi uthishanhl­oko akekho esikoleni,” kusho uMnu Mthethwa.

UDkt Mahaye ushiye kulesi sikole ngoba eseqashwe ehhovisini likaNgqong­qoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal.

Ngaleso sikhathi umnyango ubusaholwa nguNkk Peggy Nkonyeni engungqong­qoshe. Manje uDkt Mahaye usengumqon­disi omkhulu ehhovisini likangqong­qoshe okhona njengamanj­e, uMnu Mthandeni Dlungwana.

IVelangaye izakhele igama ngokukhiqi­za imiphumela emihle kamatikule­tsheni, iqhudelana neBizimali High school, yakhona eNkandla.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa