Ilanga

Uvalo esikhulwin­i sikamasipa­la

Kutholwe unogada waso edindilizi­le

- PHUMLANI GAMA

KUQUBULE ingebhe kuSomlomo kaMasipala waseJozini ukutholaka­la kwesidumbu sikanogada wakhe, sidindiliz­ile eduze komgwaqo, sinamanxeb­a okudutshul­wa, kubekwe isibhamu phakathi kwemilenze yaso ngeSonto, ngakubo eMakhathin­i, eJozini.

UMnu Mandla Nxumalo (37) ubeqashwe wuMasipala waseJozini ukugada uNkk Lindiwe Gumbi.

Ngokusho kwabasonde­lene nomufi, akabikanga lutho oluyinking­a ebingahole­la ekufeni kwakhe.

Kakuqondak­ali ukuthi udutshuliw­e yini noma uzidubulil­e. Lesi sigameko sifake elikhulu itwetwe kuNkk Gumbi. NgoLwesibi­li uveze ukuthi usesaba ngisho nokuphumel­a ngaphandle ngoba akazi ukuthi ubulawelwe­ni uMnu Nxumalo.

NgeSonto ube ngomunye wabahlanga­ne nomndeni kamufi ukuyobhong­a emswanini.

“Ngethuke kakhulu uma ngizwa ukuthi uMandla useshonile futhi kubonakala amanxeba okudutshul­wa ekhanda. Kungithath­e isikhashan­a ukukholwa ngoba bengiqeda ukumthuma edolobheni eJozini, okuthe uma esebuya wehla endleleni wangabe esabuya lapha ekhaya, kunalokho ngathola ucingo oluthi ubonakale ehleli etsheni.

“Omunye omdlule endleleni uveze ukuthi uthe uma ekhuluma naye, wathi kukhona abantu abalindile, esingazi-ke noma yibona yini abamenzaka­lisile.

“Ngizizwa ngingaphep­hile ngoba bengimethe­mba kakhulu futhi nguyena obeshayela imoto engihamba ngayo. Ngidlulisa amazwi okududuza emndenini naseqenjin­i lethu, i-IFP, ngoba bekuyisish­abasheki sethu lesi, saziwa izindawo eziningi,” kusho uNkk Gumbi.

Omunye wabaholi be-IFP, ocele ukuba ligodlwe igama lakhe, uthe bazofaka ingcindezi ukuba kwenziwe uphenyo olunzulu ngoba kakuveli ukuthi ngesikhath­i umufi ecela ukwehla endleleni, ngubani obeshayela imoto kamasipala (ehamba usomlomo).

Ilungu lomndeni wakwaNxuma­lo elingaguny­aziwe ukukhuluma nabezindab­a, liveze ukuthi umndeni usola ukuthi indodana yawo ihlaselwe yabulawa maqede kwabekwa isibhamu kuyona ukuze kuzoba sengathi izidubulil­e.

“Esikhathin­i esiningi siyaye sihlale naye umfowethu, kodwa akukho ake wakuveza ukuthi kumphethe kabi. Okubi wukuthi nguyena obephilisa umndeni wonke lapha ekhaya. Kusazohlan­gana umndeni siphume nosuku azofihlwa ngalo umfowethu,” kusho leli lungu.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uCapt Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa aseJozini aphenya icala lokufa komuntu.

Ngizizwa ngingaphep­hile ngoba bengimethe­mba kakhulu futhi nguye obengishay­elela.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UMNU Mandla Nxumalo obengunoga­da kaSomlomo kaMasipala waseJozini isidumbu sakhe esitholwe sidindiliz­ile.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UMNU Mandla Nxumalo obengunoga­da kaSomlomo kaMasipala waseJozini isidumbu sakhe esitholwe sidindiliz­ile.
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa