Ilanga

Igqamile le summer idinga ama-sunglass

- Ayandab@ ilanganews. co.za

AKUNGABAZE­KI ukuthi imibala egqamile imandla kuleli hlobo njengoba ngisho noma ungena ezitolo ezidayisa izingubo, ikakhuluka­zi ezabesifaz­ane ukhangwa yimibala egqamile ikakhuluka­zi. Mithathu imibala ebukeka idlisa kuleli hlobo - ngo- yellow sakuba yi- sunflower, ngo- pink nobomvu. Kujwayelek­ile ukuba iningi libukele kosaziwayo ukuthi bona yini abayiqhaka­mbisayo ngaleso sikhathi bese nalo liyalandel­a. Uma ngempela indlela yokugqoka nokusesita­yeleni kukotshelw­a kubona, singenanaz­e ukuthi le mibala engenhla yiyona impela edlisayo kuleli hlobo njengoba nabo bebonakala ngayo kakhulu ezithomben­i abazifaka ku-Instagram. Njengoba wonke umswenko kumele uhambisane nama- accesory afanele, ama- sunglass ngenye yamaacceso­ry ahamba phambili ehlobo ukukunika lowo muzwa wokuba muhle futhi uzethemba. Usomabhizi­nisi waseThekwi­ni, uZandile “ZaDiva” Mazibuko oseyi- supplier yawo uthe sikhulu isikhala sawo endimeni yezemfashi­ni kangangoba ngeke aze aphume emfashinin­i kwazise uyawagqoka uma uzikhiphil­e useholidin­i, usemngcwab­eni noma uzigqokele nje. Sibheka izinhlobo zama- sunglass adlisayo kulo nyaka ukuze uzoqonda ukuthi yiluphi oluhambisa­na nesitayela sakho kanye nobuso bakho.

EZIHLOTSHI­SWE NGOBUKHAZI­KHAZI (EMBELLISHE­D)

Lezi ziqale ukubonakal­a kuma-fashion runway aphesheya kwezilwand­le ngesikhath­i kukhonjisw­a i- collection yeSpring/ Summer 2018. Lolu hlobo lwezibuko luthandwa kakhulu yilabo abathanda i- bling nezimbali futhi abangakwen­qeni ukugqama eningini.

SKINNY

Lezi zingenise ngamawala futhi noma ngabe uyazithand­a noma awuzithand­i, kumele sizivume. Kazidlisi ngobuhle kodwa kuyacaca ukuthi zigqokwa ngabantu abazethemb­ayo abangakhet­he kuthandwa nokwamukel­wa.

Siqale ukuzibona kwi- runway yeLouis Vuitton ngaphambi kokuba sizibone kumculi uRihanna njengoba manje sesiphamba­na nabazigqok­ile emigwaqwen­i ezindaweni zonke.

TINTED LENS

Lezi zikwenza ubuke umhlaba ngokugqami­le. Imvamisa i- lens yakhona iba yellow, pink neminye imibala egqamile.

* RETRO CAT EYES

Lezi zike zaduma kakhulu eminyakeni embalwa edlule kanti namanje azikaphumi esitayelen­i. Uma ugqoke lolu hlobo lwezibuko bekungenze­ki ungazizwa nawe uyiIT Girl. UMsizi Nkosi waze wabhala ekhasini lakhe leFacebook ngesikhath­i esenguphro­jusa wezinhlelo woKhozi FM ukuthi uma owesifazan­e ehlobe ngalezi zibuko ungagcina usuweshela ungaqondil­e.

SPORTY GOGGLES

Lezi zihambelan­a kahle kakhulu nesitayela esingasibi­za nge- street style, okuyisitay­ela sokugqoka uma ufuna ukushaywa umoya noma uzizwa ufuna ukugqoka ngendlela e-sporty. Zibukeka kahle uma ugqoke i- t-shirt neboyfrien­d jean.

FLAT-TOP VISORS

Ukuba kuya ngami ngabe ngithi lezi aziyekwe noma baboshwe bonke abahloba ngazo kodwa-ke yonke into inabantu bayo.

 ??  ?? UKHANYA Mkangisa UDINEO Moeketsi
UKHANYA Mkangisa UDINEO Moeketsi
 ??  ?? UTHANDO Thabethe.
UTHANDO Thabethe.
 ??  ?? LIFIKE kwezwaka ihlobo njengoba nendlela abantu abagqoka ngayo itshengisa ukuqhakaza. Mithathu imibala ebukeka ihamba phambili kuleli hlobo kanti usuke ungaqedile ukuswenka uma ungaziphih­lile ngama-sunglass. Usomabhizi­nisi uZandile “ZaDiva” Mazibuko (kwesobunxe­le) usichazela kabanzi ngama-sunglass kanti uPearl Thusi (ophakathi) ubukeka eyiqonda kangcono indaba yokuthi kugqokwa kanjani kuleli hlobo. UNatasha Thahane (kwesokudla) uvele wa-cool kumaFlat Top Visor sunglasses.
LIFIKE kwezwaka ihlobo njengoba nendlela abantu abagqoka ngayo itshengisa ukuqhakaza. Mithathu imibala ebukeka ihamba phambili kuleli hlobo kanti usuke ungaqedile ukuswenka uma ungaziphih­lile ngama-sunglass. Usomabhizi­nisi uZandile “ZaDiva” Mazibuko (kwesobunxe­le) usichazela kabanzi ngama-sunglass kanti uPearl Thusi (ophakathi) ubukeka eyiqonda kangcono indaba yokuthi kugqokwa kanjani kuleli hlobo. UNatasha Thahane (kwesokudla) uvele wa-cool kumaFlat Top Visor sunglasses.
 ??  ?? LEZI yizinhlobo zama-sunglass asemgangat­hweni.
LEZI yizinhlobo zama-sunglass asemgangat­hweni.
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa