Ilanga

Ziphezulu izibalo zabashayo

-

NAMHLANJE ngithanda sikhulume ngokusha ( burns). Njengoba sizoya emaholiden­i, baningi abantwana abazobe besemakhay­a. Noma ngabe abantu abashayo eNingizimu ne-Afrika yonkana beba baningi ngesikhath­i sobusika kodwa izibalo zikhomba ukuthi lapha eNingizimu ne-Afrika kusha abalingani­selwa ku-161 njalo ngenyanga.

Okubuhlung­u kakhulu wukuthi abayisithu­pa bayashona ngenxa yokusha kakhulu - lokhu kuvezwa nguDr Nikki Allorto ongumnakek­eli weziguli ezishile esibhedlel­a sikahulume­ni eMgungundl­ovu.

UDr Allorto weBurn Care Trust uthi uma umuntu eshile akushi nje kuphela isikhumba kodwa kuba nenkebenke­be yesibazi enhliziywe­ni esingasoze saphola. Lesi silonda esisenhliz­iyweni singaba kumuntu oshile, kumzali noma umqaphi wontwana.

Kulawa masonto edlule ngibone umnumzane othile olethwe emtholampi­lo emuva kokuba ewile eduze komlilo ezaleni, wokheleka washa umzimba nobuso.

Enhliziywe­ni yami bengazi ukuthi ushe kabuhlungu impela kodwa benginalo ithemba lokuthi uzophila. Emuva kokukhulum­a nabomndeni ngithole ukuthi lo baba ubenesifo sokuwa.

Kube sekungicac­ela ukuthi kungenzeka ukuba ubevukwe yiso lesi sifo ngesikhath­i ewa eze eshiswa umlilo nje. Ngibe sengimelap­ha ngase ngimdlulis­ela esibhedlel­a esikhulu saseMgungu­ndlovu.

Ngosuku olulandela­yo ngafona ngabuza ukuthi unjani, ngathola umbiko wokuthi uyelulama. Emuva kweviki ngithole umbiko wokuthi ushonile. Inhliziyo yami idabuke kakhulu. Kodwa ngicabanga ukuthi kubaluleki­le ukuba sivikele nina enisenethu­ba lokuba ningavikel­wa entweni efana nalena.

Kumele sifunde ukuqaphela, sizivikele singazitho­li sisha noma abantwana besha ngenkathi sibaqaphil­e. Abantwana abaneminya­ka eyisithuph­a noma ngaphansi basengcuph­eni enkulu yokusha ngomlilo ikakhuluka­zi labo abasagaqa.

OKUNGAKUSH­ISA:

Amanzi ashisayo (kungaba awokugeza, itiye, noma isobho elishisayo).

Umlilo wezinkuni (kungaba sendlini noma ngaphandle). Ukudla okushisayo. Izitsha ezishisayo (ibhodwe, iketela noma isitofu esivuthayo, i-ayina elishisayo).

Kunama- chemicals ashisayo futhi emzimbeni ( acid).

Ugesi nawo futhi uyashisa, kanti nekhandlel­a liyingozi. Kanjalo ne- gas endlini iyaqhuma ishise abantu, ngisho umbani imbala.

Ikani elishayo lingaqhuma njenge- gas nalo lidale umonakalo.

YINI ESINGAYENZ­A UKUZIVIKEL­A SINGASHI:

Kumele siqikelele uma ngabe sizothinta lezi zinto ezibalwe ngaphezulu. Ngokuqaphe­la ingozi singazivik­ela futhi sinciphise izinga labantu abashayo emakhaya.

Kubaluleki­le ukuba sigade abantwana ngaso sonke isikhathi. Bayathanda ukuthinta izinto ngenxa nje yokuba yizingane.

Abantwana mabasuswe lapho kukhona isitofu esivuthayo.

Masifundis­e labo abathe xaxa ngeminyaka ngokusha nokuzivike­la ekusheni - lokhu kumele sikwenze malanga onke. Njengokuth­i nje uma ngabe uthungelek­a ngomlilo ziginqe phansi, lokhu kukodwa kungenza ukuba ungashi kakhulu.

Zonke izinto ezinobungo­nzi mazibekwe endaweni ephephile nalapho abantwana bengafinye­leli kalula khona.

Kumele sikhuthaza­ne ukuba sikhulume ngokusha yonke indawo nokuthi singazivik­ela kanjani.

Emabhilidi­ni esisebenza kuwona, qapha ukuthi ngabe umcikilish­o uthini omayelana nebhilidi elishayo. Ngaphandle nje kokusha emzimbeni uma ngabe kade kusha ibhilidi ungaphefum­ula intuthu engenza ungaphefum­uli kahle.

Qikelela ukuthi uma ngabe ushile ngaleso sikhathi thola amanzi uwathele kuleyo ndawo eshile ukuze kungabhebh­etheki ukusha.

Uma ngabe umuntu aziwa ukuthi unesifo sokuwa ake siqiniseki­se ukuthi akahlali yedwa, akabe nomuntu ngaso sonke isikhathi.

Singalifak­i iqanda endaweni eshile, liyoma bese kuba nezinhlung­u eziningi uma ngabe sesiligeza. Faka amanzi enele lapho oshe khona bese uya esibhedlel­a noma emtholamph­ilo.

OKUBALULEK­ILE

Umuntu oshile uswela amanzi amaningi emzimbeni. Uzokhumbul­a ukuthi isikhumba siba namanzi amaningi, uma ushile uye ubone isilonda sakho simfimfa amanzi. Uma ngabe uzoswela amanzi amaningi lokhu kungenza ukuba nezinye izitho zomzimba zigcine zingaseben­zi ngendlela elindeleki­le, njengezins­o nje. Ziningi izindlela zokuvikela ukuba singashi. Kumele sizame ukuqwashis­a ngobungozi bomlilo ngaso sonke isikhathi.

*Ngiphinde futhi ngibonge kubo bonke abafundi bephephand­aba ILANGA abasaqhube­ka nokungibha­lela bexhumana nami. Ngicela ukunikhumb­uza nje ukuthi kule ngosi sinikezela ngolwazi siphinde siqwashise ngezifo, asiyithath­i indawo kadokotela noma isibhedlel­a.

Uma kukhona esinye isihloko ofisa ukuba sixoxe ngaso ngesonto elizayo ngibhalele ku-admin@ drgumede.com

Engathi ningahlala niphephile. Umlilo uyingozi.

 ?? ISITHOMBE NGABE: EN.WIKIPEDIA.ORG ?? UMA umuntu eshile akushi nje kuphela isikhumba kodwa kuba nenkebenke­be yesibazi enhliziywe­ni esingasoze saphola ngakho kubaluleki­le ukuba sifundisan­e ngezinto ezingasisi­za uma sizithola sibhekene nalesi simo njengokuth­i uma ngabe uthungelek­a ngomlilo ziginqe phansi, lokhu kungenza ukuba ungashi kakhulu.
ISITHOMBE NGABE: EN.WIKIPEDIA.ORG UMA umuntu eshile akushi nje kuphela isikhumba kodwa kuba nenkebenke­be yesibazi enhliziywe­ni esingasoze saphola ngakho kubaluleki­le ukuba sifundisan­e ngezinto ezingasisi­za uma sizithola sibhekene nalesi simo njengokuth­i uma ngabe uthungelek­a ngomlilo ziginqe phansi, lokhu kungenza ukuba ungashi kakhulu.
 ?? ISITHOMBE NGABE: FLICKR.COM ?? IKHANDLELA libalwa njengenye yezimbange­la ezidala umlilo emakhaya amaningi. Kubaluleki­le ukuba uhlale uqaphile uma ulikhanyis­ile ngoba lingadala umonakalo ongalawule­ki kokunye ongashabal­alisa nemiphefum­ulo.
ISITHOMBE NGABE: FLICKR.COM IKHANDLELA libalwa njengenye yezimbange­la ezidala umlilo emakhaya amaningi. Kubaluleki­le ukuba uhlale uqaphile uma ulikhanyis­ile ngoba lingadala umonakalo ongalawule­ki kokunye ongashabal­alisa nemiphefum­ulo.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa