Ilanga

Kwethulwe indlela entsha yokukhokha

Bathi lendlela izovikela abathengi

- Bhekin@ilanganews.co.za

ISALOKHU iqhubeka nokubonaka­la intuthuko emkhakheni wezokubhan­ga ( banking sector) njengoba ibhange iFNB seliphinde lethula olunye uhlelo olusha lokubhanga.

NgoLwesibi­li leli bhange limemezele ukuthi sekunemish­ini esebenzisa ubuchwephe­she obusha sha, engezoding­a ukuba abathengi baze bafake ikhadi phakathi emshinini uma bekhipha imali.

Leli bhange lithi umthengi uzovele athintise ( tap) ndawana thile emshinini ikhadi leli elibizwa ngecontact­less, bese efaka inombolo eyimfihlo (Tap and Pin). Ngokusho kweFNB, le mishini enobuchwep­heshe obusha izonciphis­a isikhathi abathengi abasichith­a emshinini bekhipha imali. Kwi- transactio­n ngayinye isikhathi esichithwa ngumthengi emshinini ekhipha imali sizoncipha ngo-20 seconds. Ngaphezu kwalokho leli bhange lithi abathengi bazovikele­ka ebugebengw­ini obudlangil­e bokuntshon­tshwa kwemininin­gwane yamakhadi okwenziwa yizigebeng­u ezisebenzi­sa imishini emincane engekho emthethwen­i ebizwa ngokuthi yi- card skimming device, eziyifaka emishinini yokukhipha imali.

UMnu Raj Makanjee oyi-CEO yeFNB Retail uthi ukwethulwa kwalobu buchwephes­he kuyigxathu eisemqoka ezinhlelwe­ni zebhange zokuthuthu­kisa ukuphepha nokwenza ukubhanga kube lula.

Njengamanj­e ingu-100 imishini ekwazi ukusebenzi­sa lolu hlelo olusha. Eminye kubikwa ukuthi izothuthuk­iswa ngonyaka ozayo ukuze ikwazi ukuluseben­zisa.

Ngokusho kukaMnu Makanjee, leli bhange liqale ukukhipha uhlobo lwamakhadi olubizwa nge- contactles­s eminyakeni emithathu edlule kanti njengamanj­e linalolu hlobo lwamakhadi asevele ese-tshenziswa ngabatheng­i angu-8,5 million, kuhlangani­sa kuwo ama- debit nama- credit card.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UMNU Raj Makanjee oyiCEO yeFNB Retail.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UMNU Raj Makanjee oyiCEO yeFNB Retail.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa