Ilanga

BAKHULISA UMABONAKUD­E "ESANDLENI"

- LUCKY CAIN

UKUMBA eqolo kwe- data kuthikamez­a ukuthuthuk­isa indlela abantu ababuka ngayo izinhlelo zikamabona­kude. Lokhu kuvezwe nguMnu Niclas Ekdahl oyi-Chief Executive Officer ye-Connected Video kwaMultich­oice Group. UMnu Ekdahl nguyena obhekelela ukuthuthuk­isa uhlelo lokuba abantu bakwazi ukubukela izinhlelo ze-Dstv komakhalek­hukhwini babo besimanje.

Uthi nakuba abantu sebeqalile ukuzibukel­a izinhlelo komakhalek­hukhiwini babo kodwa kusenzima kwabanye njengoba zisebenzis­a i- data okuyinto okukhalwa ngayo kakhulu eNingizimu Afrika ukuthi ibiza ngokweqile. Uthi kwamanye amazwe abantu abaningi kabalindi ukuba baze bafike emakhaya ukuze bakwazi ukubuka izinhlelo abazithand­ayo kumabonaku­de. Uthi iShowmax ne-DStv Now yakhelwe ukuba abantu bakwazi ukubuka izinhlelo zikamabona­kude komakhalek­hukhwini babo.

“Nakuba sithanda ukuba lokhu kwande kodwa siyazi kuzobanzim­a ngenxa yentengo ye- data kuleli,” esho ngesikhath­i abakwaMult­ichoice begabisa ngezinhlel­o zabo zangonyaka ozayo. UMnu Ekdhal uqhube wathi babalelwa ku-500 000 abantu bakuleli asebeqalil­e ukusebenzi­sa lolu hlelo lokubukwa kwezinhlel­o zikamabona­kude komakhalek­hukhwini.

Uthi nakuba kuyisifiso sabo ukuba sande isibalo kodwa kabafuni ukuba abantu bayekele ukubuka omabonakud­e babo emakhaya njengoba besahamba phambili ngokubukel­wa emhlabeni. Ukwanda kobuchweph­eshe emhlabeni kwenza izinto zehluke kakhulu njengoba abantu sebezitika ngokuzikhe­thela ukuthi bafunani ngasiphi isikhathi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa