Ilanga

Akavumanga iphupho lakhe lishabalal­e

- Tzondi@ilanganews.co.za

THANDO, ukuzinikel­a nokuba nomuntu othile oyisibonel­o yikho okugcine kwenza uMsizeni Mngadi angene emkhakheni wezobunjin­iyela bemikhumbi (Marine Engineerin­g).

Uthi ukubona impilo emnandi eyayiphilw­a ngumfowabo kamngani wakhe owabe enza lo msebenzi yamhalisa futhi yamgqugquz­ela.

“Ukuba ngangingen­aye umuntu oyisibonel­o eduze kwami kangikholw­a ukuthi ngabe ngangena kulo mkhakha. Ngangihlez­i ngibuka umfowabo kamngani wami evakashela izindawo ezihlukene futhi ngibona nokuthi imali ikhona,” kuchaza yena.

UMngadi wasoPhokwe­ni, eMkhambath­ini uqashwe yinkampani enkulu eNingizimu Afrika engaphansi kukahulume­ni iTransnet. Uchaza umsebenzi awenzayo njengofana­yo neminye ngoba yonke imisebenzi inezingqin­amba zakhona.

“Noma yimuphi umkhakha unobunzima bakho, kodwa-ke ngiye ngithi njengoba thina sikwazile ukuba sidlule nakanjani nabalandel­a ngemuva bazokwazi. Kuba nenkinga yokuxhuman­a ngolimi kwazise sisebenza nezinhlang­a ezahlukene kodwa kuhamba isikhathi kugcine sekujwayel­ekile.

Okunye wukuthi kuhanjwa isikhathi eside kakhulu, akafuneki umuntu ozobuye ateteme athi ufuna ukubuyela ekhaya ngoba kusuke kune- contract esuke isayiniwe ngesikhath­i uhamba.”

UMngadi uthi umsebenzi wakhe wonke ugxile emkhunjini. “Sibhekelel­a ukusebenza komkhumbi ukuthi kuhamba kahle, izinjini zisebenza kahle yini nokunye okuningi.

“Maningi kakhulu amathuba omsebenzi uma ungene kulo mkhakha kodwa kumele uqaphele ukuthi usesikhung­weni okuyiso yini esibhalisw­e ngaphansi kweSA Maritime Safety Authority,” echaza.

Uthi ngokolwazi analo zimbili izikhungo okwazi ukuba uthole kuzo lezi ziqu okuyiDurba­n University of Technology neCape Peninsula University of Technology. Kanti izifundo okudingeka uziphase kahle esikoleni uma ufuna ukungena kulo mkhakha yiMaths, Physics ne-English.

Uthi okumthokoz­isa kakhulu ngomsebenz­i wakhe wukuthola ithuba lokuvakash­ela amazwe ehlukene, ukwazana nabanye abantu nokwazi indlela okuphilwa ngayo kwamanye amazwe.

Phakathi kwamazwe aseke avakashela kuwo ubala iMexico, iSpain, iTurkey, iRussia namanye amaningi.

UMngadi akagabile ngeziqu zeMarine Engineerin­g kuphela kodwa wafundela ne-Electrical Engineerin­g ( heavy current) kodwa ngenxa yokungawut­holi umsebenzi oqondene nalezo ziqu wagcina esenguthis­ha ofundisa iPhysics neMaths emabangeni aphezulu.

“Ngenxa yokuthi bengizwa ukuthi lo mkhakha awukho ngaphakath­i kimina, bengilokhu ngiqhubeka ngicwaning­a ngokungena kwi- marine. Ngenhlanhl­a ngagcina sengifundi­le iminyaka ewu-4 njengoba sengiseben­za manje,” kuphetha yena.

Maningi kakhulu amathuba omsebenzi uma ungene kulo mkhakha...

 ?? ISITHOMBE NGABE: ROYAL IHC ?? UKUKHUCULU­LA ulwandle ngomunye wemisenben­zo abhekana nayo uMsizeni Mngadi ongunjiniy­ela wemikhumbi.
ISITHOMBE NGABE: ROYAL IHC UKUKHUCULU­LA ulwandle ngomunye wemisenben­zo abhekana nayo uMsizeni Mngadi ongunjiniy­ela wemikhumbi.
 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UMSIZENI Mngadi ongunjiniy­ela wemikhumbi osebenza kwaTransne­t.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UMSIZENI Mngadi ongunjiniy­ela wemikhumbi osebenza kwaTransne­t.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa