Ilanga

Bafuna ukufaka umkhiqizo ezimakethe zangaphand­le

Bathi uma isivuno sisiningi kakhulu, izimakethe zifuna ukusitheng­a ngemali encane

- THANDEKA NGOBESE

UKUBEKEZEL­A kuzale impumelelo kwabesifaz­ane baseMbali, eMgungundl­ovu, abasebenzi­sa indlela engajwayel­ekile ukutshala utamatisi ngaphandle kokusebenz­isa inhlabathi ( hydroponic farming).

Laba besifazane abawu-6, abangabani­kazi beXhiba Co-operative, bathi baqome ukusebenzi­sa i- hydroponic ngoba kayiwasebe­nzisi kakhulu amanzi. Uma utshala ngalolu hlelo, kawutshali phezu kwenhlabat­hi, kodwa ufaka upulastiki ngaphansi bese ufaka umquba isitshalo sikhule phezu kwawo.

Abalimi abamhlophe bayaluthan­da kakhulu lolu hlelo njengoba beluncoba ngokonga amanzi kwazise uwafaka asheshe afike esitshalwe­ni futhi ahlale isikhathi eside njengoba kusuke kukhona upulastiki ngaphansi.

AbeXhiba basanda kuthola inkontilek­a yokuthumel­a umkhiqizo wabo katamatisi, i-spinashi no- green pepper eMkhondeni Fresh Produce Market, khona eMgungundl­ovu.

Ekhuluma neLANGA uNkk Hlaleleni Buthelezi (60), ongusihlal­o walo mfelandawo­nye, uthi beqale ngo-2005 ukuhlangan­a ngenhloso yokuba babeke isinkwa etafuleni emindenini yabo.

“Siqale satshala eFundokuhl­e Secondary School, indodakazi yami yangicebis­a ngokuba senze lolu hlelo lokutshala ngaphandle kwenhlabat­hi. Siqale satshala emhhumeni ( tunnel) owodwa ngosizo esiluthole kwi-Ithala Business Developmen­t Co-operation, elisibolek­e u-R64 000 esithenge ngawo umhhume wokuqala.

"Sidonse ugesi namanzi saqala sasebenza. Kusukela lapho kasizange sisabheka emuva njengoba siqhubekil­e sathola eminye imihhume ngosizo lwabakwaEs­kom, abasixhase ngamathath­u, okusize kakhulu ukwandisa isivuno sethu sikatamati­si.

"Kumanje utamatisi esiwukhiqi­zayo uma senze kahle, kuba ngamabhoki­si awu-700 o-5kg,” kusho uNkz Buthelezi.

Uthi okuhle ngotamatis­i wukuthi uyashesha ukuvuthwa njengoba uthatha izinyanga ezintathu.

Uthi ngokuhamba kwesikhath­i, bangenele umncintisw­ano weMbokodo Iyazenzela, ohlelwa yi-Ithala, kwaba khona abakuwinay­o khona.

“Ukuwina kwethu iMbokodo Iyazenzela, kusisize kakhulu njengoba i-Ithala lisithumel­ele abeluleki abasicebis­a ngamasu amasha, angasisiza ekubeni isivuno sethu sande.

"Baphinde basisiza ukwenza i- business plan esicele ngayo uxhaso kwi-Agricultur­al Business Developmen­t Agency, basinika nosizo lokugcina imininingw­ane yethu yebhizinis­i ngendlela efanele,” kusho uNkk Buthelezi.

Laba besifazane sebedale amathuba emisebenzi kwabanye besifazane abawu-20 ababaqashi­le kuleli bhizinisi labo.

UNkk Buthelezi uthi njengamany­e amabhizini­si, nabo bake babhekana nezinqinam­ba ezinzi- ma, kodwa basizwa wukusebenz­a ngokubambi­sana.

“Kube nzima kakhulu ngesikhath­i kufike isiphepho esasinaman­dla, uDineo. Kuphephuke imihhume esitshala kuyona, kwalimala kwaphela ukudla, kwafana nokuthi sisebenzel­e ubala.

"Kulo msebenzi wokukhiqiz­a ukudla okufana notamatisi, kudingeka ukuba ubekezele ngoba uma isivuno sibesining­i kakhulu, izimakethe zisithenga ngemali ephansi nawe ugcine sewusidayi­sa ngayo ngoba wesaba ukuthi utamatisi ungaze ubole,” kusho yena.

Uthi abakudinga­yo wukuthola usizo lokuthi bangangena kanjani ezimakethe zangaphand­le njengoba bebona ukuthi bangenza enhle kakhulu imali kuzona. thandeka.ngobese@ilanganews.

Ithala lisisize ngabelulek­i abasicebis­a ngezindlel­a zokwandisa isivuno.

 ?? IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E ?? UNKK Hlaleleni Buthelezi ongusihlal­o weXhiba Co-operative, uncoma uhlelo lwe- ngokuthi longa amanzi, lwenze umkhiqizo wabo ungancinti­sani neminye emakethe ngendlela oba muhle ngayo njengoba ubonakala.
IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E UNKK Hlaleleni Buthelezi ongusihlal­o weXhiba Co-operative, uncoma uhlelo lwe- ngokuthi longa amanzi, lwenze umkhiqizo wabo ungancinti­sani neminye emakethe ngendlela oba muhle ngayo njengoba ubonakala.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa