Ilanga

INSIKA MAKHOSI ZULUZONDO

-

NGOKUJWAYE­LEKILE, izingane ezitholaka­le ebusheni babazali bazo, zivamise ukuba yizisulu zezinhlobo eziningi zokuhlukum­ezeka, ikakhuluka­zi emiphefumu­lweni.

Kuningi okwenziwa ezinganeni ezizalwe ngabazali abasebanca­ne futhi bezizala bengenanhl­oso ngazo, yingakho zingavamis­ile ukuvikelwa ngokwanele. Imvamisa lezi zingane zihlukumez­eka futhi zilahlwe zingakazal­wa ngisho nokuzalwa.

Uthola ukuthi unina wengane ngalesi sikhathi esayikhule­lwe, usuke enentukuth­elo yokuthi uzoba nengane angayihlel­elanga, kwesinye isikhathi uthole nokuthi uyise uyiphikile okanye uthe uyobona ngayo isizelwe. Lokhu kudala ukuba unina oyithwele abe nezinto eziningi ezimbi azicabanga ngayo.

Kwesinye isikhathi uthola ukuthi uyise wengane uthi masihushul­we isisu ngoba akakakulun­geli ukuba ngubaba futhi akazimisel­e ngokondla.

Uthole ukuthi unina wengane ubengacaba­ngi ngaleyo ndlela, agcine eseyigcina ingane, kodwa uthando lwayo engasenalo ngoba ephoxwe nguyise wayo.

Zonke lezi zinselelo ziyingcind­ezi kunina wengane nakuyona uqobo ngoba kayikho into enhle esuke ishiwo ngabazali bayo kuyona - imane ilahlwe ingakazalw­a ngisho nokuzalwa.

Ithi iqambe ifika emhlabeni, ivele isinesigcw­agwa, yafana neqalekisi­we. Kuthanda ukuba yinselelo ngempela enganeni ukuba izalwe ingahlelel­wanga ngoba kwesinye isikhathi uthola ukuthi kulula nje ukuba ibandlulul­eke ngisho isikhulile ngoba zisuke sezizelwe eziyelamay­o, ezihlelelw­e futhi ezinoyise abazinakek­elayo.

Kwesinye isikhathi uthola lapho ize itshelwe khona ukuthi “wena uyihlo akakwenzel­i lutho wondliwa uyise kasibaniba­ni”. Lokho kuyisilond­a esingaphol­i emoyeni waleyo ngane, ikhula yazi ukuthi yona kayinamhla­ba futhi kayilutho.

Ngiyafisa ukuba abazali bake bayibuke le nto nomthelela wayo bawubhekis­ise ngoba ekugcineni akube kusaba khona oxolisayo kule ngane emane yathelwa ngesigcwag­cwa engasicela­nga.

Uma sithola ithuba sithintwa nawunembez­a, bekungaba kuhle sizixolele thina siphinde sixolise nakubona abantwana bethu esibathele ngehlazo lokunganak­wa.

Makhosi Ndleleni uMaZulu- Zondo Insika( isigodlol) UThishanhl­oko waseMatata­ne Secondary School mthiyanesg­s@yahoo.com Utholakala kwethi: 082 752 7342

 ??  ?? UNKK Hlaleleni Buthelezi ongusihlal­o weXhiba Co-operative, uthi ukutshala ngalolu hlelo abaluseben­zisayo kuyonga kakhulu ngoba kakudingi amanzi amaningi.
UNKK Hlaleleni Buthelezi ongusihlal­o weXhiba Co-operative, uthi ukutshala ngalolu hlelo abaluseben­zisayo kuyonga kakhulu ngoba kakudingi amanzi amaningi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa