Ilanga

Umhlaba ugubha olwengcula­za

Bathi umkhankaso wokufundis­a ngalesi sifo kumele uqiniswe

- BONGINKOSI ZONDI

NGOMSOMBUL­UKO engosini yethu yezempilo sike sathi janti sixwayisa ngengculaz­a nesandulel­a sayo nangokubal­uleka kokuba umphakathi ukhumbule ukuthi ingozi yalesi sifo kayikaphel­i.

Kwelanamuh­la sibheka indaba yeWorld Aids Day.

ILANGA lixhumane noMnu Mzamowenko­si Zondi oyisikhulu seTAC KwaZulu-Natal mayelana nokwenzeka­yo njengamanj­e ngodaba lwengculaz­a.

Uthe umphakathi uzoyikhumb­ula imizamo yabo abayenze ngesikhath­i uhulumeni usambozwe yifu lokuphika ukuthi ikhona inkinga ye-AIDS, okuyimpi abayilwe baze bayinqoba enkantolo, okuphoqe uhulumeni ukuba uluqale uhlelo lokunikeze­la ngemishang­uzo, kusizakale umphakathi.

Okwalandel­a lapho wudaba lokunikezw­a imishanguz­o kwabesifaz­ane abazithwel­e ukuze bangadluli­seli igciwane kubantwana abangakaza­lwa.

Kudlule kuleyo nkinga kwaba nenselelo yesayensi phambilini ebithi usizo lwemishang­uzo malunikezw­e isiguli esine-CD4 count ewu-200 nangaphans­i.

Akuwusizan­ga umphakathi lokho ngoba labo bantu bebephetha ngokuthi isifo sibanqobe badlule emhlabeni. Yona belu isayensi iyenyusile inombolo ye-CD4 yaba wu-350, nalapho okubonakel­e ukuthi isifo sibhilitil­e.

UMnu Zondi uthe njengamanj­e bona njengenhla­ngano sebefinyel­ele ezingeni okukhishwa kulona imishanguz­o ngesikhath­i kutholakal­a ukuthi umuntu usethelele­kile, kungalindw­a ukuba kuze kwehle isibalo samasosha omzimba.

Maqondana nezibalo zokuthelel­eka kwabantu, uthe kuyethusa ngoba kunesimo esingaziwa sokuthi bangaki abathelelw­a ngesandule­la-ngculaza ngabantu abangekho ohlelweni lokuthola imishanguz­o.

Uthe njengamanj­e KwaZuluNat­al kuphela, babalelwa ku-2 million abantu abasohlelw­eni loku- thola imishanguz­o kanti kunenkinga yokuthi abawu-750 000 abebengayi­tholi ngenxa yesayensi, kakwaziwa ukuthi balidlulis­ele kwabangaki igciwane ngoba iningi labo vele yintsha.

Uqhubeke wathi bona njengeTAC sebefike eqophelwen­i lapho uma ohlolwayo kuvela ukuthi unalo igciwane, kungalindw­a ukuba isibalo samasosha emzimbeni wakhe sehle njengokush­o kwesayensi, kodwa ufakwa ohlelweni lokuthola imithi.

Maqondana nemibiko yokuntulek­a kwemishang­uzo, uthe okwa- manje iTAC ibisaphume­lela ukuyithole­la abantu.

Uphethe ngokuvuma ukuthi ukuzinikel­a kukahulume­ni kuyakhombi­sa ukuthi usulamukel­e iqiniso ngenhlekel­ele yengculaza.

Engxoxweni noMnu Zondi, kuyavela ukuthi ingozi isenkulu ngempela futhi kusadingek­a ukuba uqiniswe umkhankaso wokuxwayis­a abantu ngengozi yengculaza.

Ukufundisa ngezindlel­a zokuziphat­ha kuthinta izinhlango­thi zokuphila ezahlukene njengoba phakathi kokunye okwenza ingozi ibe nkulu, yizikhathi zobumnandi lapho ukuzibanda­kanya ocansini olungaphep­hile kwenzeka kalula.

Okunye futhi yindaba yobudlelwa­no obungenanh­loso yomshado, imvamisa lapho owesilisa ofuna ucansi emdala kumbe enamandla omnotho kunalowo wesifazane asothandwe­ni naye.

Okokugcina, yintsha engafuni ukulalela izeluleko zabadala ngokuzipha­tha kahle, okuthi ngokungazi kwayo nangokudud­ana igcine iziphonse emlilweni wengculaza, yona nezingane ezizaleka phansi kwaleso simo.

 ??  ?? KUGUJWA uSuku lweNgculaz­a ngomhlaka 1 kwezothwas­a.
KUGUJWA uSuku lweNgculaz­a ngomhlaka 1 kwezothwas­a.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa