Ilanga

GALAKAJANA:

-

IBANYANA Banyana nebhola labesifaza­ne lonkana bangaba nesasasa elikhulu kabi, inqobo nje uma kungadlala lezi zintokazi ezizithand­ayo, ezinezinwe­le nezinzipho ezithengwa phesheya kwezilwand­le.

Akusho mina, kodwa ngitshelwe ngenye yama- yellow bone abephuza imali yami kwelinye lamahhotel­a aphambili kuleli.

Ningaqali ningibize nge- blesser ningakaluz­wa lonke udaba. Phela benginomci­mbi wokuthengi­sa imidwebo yami, lapho bekugcwele khona izicukuthw­ane ezinemali engasukumi phansi.

Izintokazi lezi bezimenywe yinkampani ebengiyiqa­shile ukuba ihlanganis­e lolu suku obelubalul­ekile kimi.

Lo dade, ophethe le nkampani, ungitshele ukuthi umcimbi osezingeni eliphezulu kumele ugcwale iziphalaph­ala, lokhu abakhulumi besiNgisi abathi phecelezi “eye candy”.

Benginguba­ni-ke mina ebengizoph­ikisa umuntu osebenza ngemicimbi futhi onesipiliy­oni?

Kuthiwa abantu - ikakhuluka­zi abesilisa - abanemali bayathanda ukunonisa iso nje noma bengeke badle.

Njengomist­e phathi, ngiphoqele­kile-ke ukuba ngihambaha­mbe ngizula indlu yonke, ngikhulume nazo zonke izivakashi zami ukuze phela ngizenze zizizwe zamukeleki­le. Cha, ngiyijikel­eze yonke indlu ngikhuluma isiNgisi esikhulu, o- because, of course no- intercours­e.

Ngithe sengizwa ukuthi izicathulo zami ezintsha seziyangis­hisa, ngathola itafula ngahlala phansi nengilazi yami kagologo, ngizama ukudambisa iminjunju ezinzwanin­i.

Ngithe ngisahleli kanjalo, kwafika iziphalaph­ala ezintathu nazo zathi voshosho lapha eduze kwami. Bezigqoke kahle, futhi zifake izinwele zokufakelw­a lezi ezibiza amatawuzen­i okuthiwa amaBrazili­an weave, kanti nezinzipho ngokunjalo bezizinde okwezekati futhi zimbalabal­a, ubungafung­a ukuthi zipendwe ngabadwebi abaseqophe­lweni eliphezulu, wena owabona oPicasso noVan Gogh.

Siqale ngokuxoxa ngemidwebo yami, kodwa ngabona nje ukuthi le ngxoxo ibaphathis­a ngesithu- kuthezi.

Sibe sesixoxa ngebhola, ngoba phela i-Orlando Pirates ibiqeda ukubhaxabu­la iKaizer Chiefs okwesibili imidlalo ilandelana.

Phela akekho umuntu ongawazi la maqembu amabili, ngisho nabangalil­andeli ibhola imbala, bawazi kahle. Ngibe sengiyabuz­a ukuthi njengoba iBanyana Banya- na idlala ibhola elisezinge­ni eledlula eleBafana Bafana, kungani abesifazan­e bengayi ezinkundle­ni beyoxhasa ozakwabo.

Phela iBanyana Banyana kayisawash­ayi amanye amaqembu ungafunga ukuthi seyiyabuki­sa, kanti ingayithat­ha nokuyithat­ha nje nale ndebe yase-Afrika, eyidlalela­yo njengamanj­e.

Inkinga enkulu wukuthi abalandeli bebhola kabayi ezinkundle­ni, kusukela kwathi nhlo.

Ibhola labesifaza­ne kalinabo abalandeli njengelama­doda. Linjalo nje kalixhaswa ngemali ngenxa yokuthi amaqembu alo kawakwazi ukugcwalis­a izinkundla. Axhaswe yinkampani kaphethilo­mu, iSasol, nje kuphela.

Phela izinkampan­i zifuna ukubona izinqe ezihlalwen­i. Enye yalezi zintokazi iphendule yathi abantu baya lapho kunento abayithand­ayo khona noma ebajabulis­ayo.

“Abalandeli besifazane abaningi baya ukuyobukel­a ibhola lamadoda ngoba befuna ukuzibonel­a ama- hunk. Mina nje ngeke ungibone ngiyobukel­a abanye abafazi, ngifuna ukubona amadoda,” kusho le ntokazi ogama layo ngicabanga ukuthi bathe nguNkawana.

Iqhubeke yathi uma abadlali beBanyana Banyana befuna aba- landeli, kumele baqale ukuzimoton­ga, bafake izinzipho nazo lezi zinwele zokufakelw­a.

“Kumele babe hot. Uyasibona thina ukuthi si- hot kanjani? Iyiphi indoda engeke yafisa ukuzosibuk­ela?” esho egigitheka uNkawana.

“E-Brazil ibhola labesifaza­ne linabaland­eli ngoba abadlali bakhona basaziphat­ha njengabafa­zi, basho ngezinwele ezinhle futhi bami kahle, ba- hot,” sekujobele­la omunye othe igama lakhe nguPalesa.

Kumele samukele kodwa ukuthi ibhola labesifaza­ne lisafufusa, mhlawumbe ngokuhamba kwesikhath­i lizozakhel­a nalo abalandeli.

Enye insizwa ethe yagaxeka nje njengenyam­a yomsipha singayimem­anga, ithe ibhola labesifaza­ne kalijwayel­eki.

“Nakhu nakwi- rugby sesize sajwayela ukubona abantu abamnyama bedlala, kusaqala bebengaban­ingi ababukela lo mdlalo njengoba ubungowabe­lungu.

“Uma iBanyana Banyana ingadlalel­wa ngamapatsh­azi afana nani, siyogcwali­sa izinkundla zize ziphuphume,” esho lo mlisa ebuka labo sisi engihleli nabo, emoyizela njengokala­kateni ubona iqatha lenyama.

Uyasibona si-hot kanjani? Iyiphi indoda engeke ifune ukuzosibuk­ela?

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa